Sizwe Sibiya
Umrepha wase-Canada uDax uhlole ikhono likaNasty C engomenin yakhe yakamuva ethi “40 Days 40 Nights”.
Umrepha wakuleli uNasty C uzakhele udumo ngokuqhudelana nabanye abaculi ngokubahlula kuleli naseMelika ngokusebenzisa ulimi lwakhe.
Ukuphakama kukaDax kwaqala ngokudidiyelwa kwezingoma ezidumile neziphonsela inselelo ezibandakanya izingoma ezinesihloko esithi- “Rap God” ka-Eminem kanye ne “Hit Em Up” kaTupac.
Ngonyaka wezi-2015, uNasty C kwadingeka asukume akhombise ukuthi kungani ekufanele ukuba sezingeni lamazwe omhlaba ngemuva kokusayina ngaphansi kwenkampani yokuqopha i-Def Jam Records yaseMelika.
Uqhubeke nokusebenza nabarepha abafana noHopsin kanye noTech9 Nine, bobabili abadume ngesitayela sabo esihlukile futhi esingenanembeza noma uzwelo.
Ingoma enesihloko esithi-“40 Days 40 Night” ikhuluma ngendlela yokusebenza kanzima, enezinhlamvu ezifana nokuthi, “izinsuku eziyisikhombisa ngaphandle komsebenzi zenza umuntu abe buthakathaka, ngakho-ke angikho buthakathaka mina.”
Ividiyo yomculo wale ngoma njengamanje iphethe umculo ohamba phambili ku-YouTube, osubukwe abantu abayizigidi eziyi-1.3 ngesonto elilodwa nje.
Umthombo wesithombe : YouTube