Umqwayizi uboshelwe ukulala nengane eneminyaka eyi-13

Joseph Chirume

Kuboshwe umqwayizi wase-Zimbabwe ngemuva kokubanjwa elele nomfana oneminyaka eyi-13 ubudala.

Amaphoyisa asola ukuthi umfana kanye nowesifazane bahlangana ku-inthanethi kwenye inkundla yokuxhumana yabantu abafuna uthando futhi bahlela ukwenza ucansi ekhaya lomndeni womfana e-Houghton Park, e-Harare.

Owesifazane ubhekene necala “Lokwenza Izenzo Eziyihlazo nomuntu osemncane.”

Umfana utshele lo wesifazane ukuthi aphathe  amaphilisi okulala enzela izingane zakwabo ezineminyaka eyi-7 kanye ne-11.

Amaphoyisa abike ukuthi: “Ummangali wayalela ummangalelwa ukuthi angene emotweni ebipake egcekeni. Ummangalelwa ube esembucunga umzimba. Besingekho isikhala esanele emotweni ngakho-ke ummangali ube esekhiphela isidoda sakhe kwikhondomu ngaphandle kokuya ocansini.”

Amaphoyisa athi ufune i-USD125 kanye nemali ayisebenzise ukuthenga amaphilisi kodwa umfana ubengenamali.

Umfana ube eseshayele ugogo wakhe ucingo, emtshela ukuthi kunokubanjwa kwenkunzi okuqhubekayo ekhaya lakhe futhi izigebengu zifuna imali.

Ugogo kuthiwa wafonela abazali balo mfana abebesemsebenzini. Ubaba womfana uthathe laba bobabili wabayisa esiteshini samaphoyisa lapho okuvulwe khona icala Lokwenza Izenzo Eziyihlazo Nomuntu Osemncane wase ethathwa ngamaphoyisa.

Le ndaba idonse amehlo abantu abaningi ezinkundleni zokuxhumana.

U-Isaho Wa Mashuro uthe kuFacebook: “Ubesendaweni yabafuna uthando. Kufanele sigxeke ingane ngoba lokho kungumthombo wemali yale ntokazi.”

UShelton Tapiwa Chiyangwa uthe, ugxeka umfana nabazali.

“Akazange adlwengulwe. Nabazali kufanele bagxekwe ngokukhulisa umfana oyisilima owazi ngisho nezidakamizwa nezindawo zabantu abafuna uthando.”

UJimmy Mupfururi uthe, uzwelana nalo wesifazane njengoba engumqwayizi.

“Kodwa bekufanele ahambe ngesikhathi ebona ukuthi ikhasimende umfana osemncane.”

Izihloko zakamuva