Umqondisi wesikhungo sokushayela akahlangene nemali eyebiwe

Lubhalwe nguSihle Mavuso

Umasipala wendawo yase-Richmond, maphakathi neKwaZulu-Natal uthi umqondisi wesikhungo sokuhlola abashayeli akanacala kulandela ukwebiwa kwemali elinganiselwa ku-R550 000 kumphathi.

Umphathi uyithathe le mali waya nayo ekhaya ngoMgqibelo ngesikhathi ephuma emsebenzini. Uthe ubehlose ukuyifaka ebhange ngoMsombuluko kuleli sonto. Kumanje umisiwe emsebenzini kuze kuphothulwe uphenyo lwamaphoyisa.

Imenenja kamasipala, uMnuz Bheki Mswane, ithi akulona iqiniso ukuthi uMnuz Vusumuzi Sibisi ongumqondisi wesikhungo wenze ubudedengu futhi akazange asayine inkontileka nenkampani eqoqa imali ukuba izothutha imali.

UMswane ubephendula udaba lapho i-Scrolla.Africa etshelwe yimithombo engaphakathi ngoLwesibili ukuthi uSibisi nguyena obhekelele inkontileka yenkampani yemali.

UMswane uthe inkontileka yavuselelwa mhlaka-6 kuNdasa, kodwa akashongo ukuthi umphathi wagcina ezithathele yena imali wabanjwa inkunzi esikhundleni sokuthi asebenzise inkampani eqeqeshiwe ukwenza lowo msebenzi.

“Ngifuna ukuyichitha elokuthi uMqondisi (Sibisi) akazange asayine incwadi yokuthutha imali. Lowo ngumsebenzi wami hhayi owoMqondisi.

“Ukuqokwa kwenkampani kwasayinwa futhi kwathunyelwa mhlaka-6 kuNdasa 2024. Ngibufakile ubufakazi mayelana nalokhu,” kusho uMswane.

Uphinde waphika nezinsolo zokuthi umphathi akazange alubike emaphoyiseni udaba lwemali eyebiwe njengoba kudingeka.

“Icala libikiwe esiteshini samaphoyisa e-SAPS Alexandra ngalo lolo suku kanti inombolo yecala ithi 251/04/24. Ungakuqinisekisa lokhu kumphenyi uGovender esiteshini,” kwengeza uMswane. 

USibisi naye ukuqinisekisile ukuthi akahlangene nalolu daba.

“Kumele ngikusho ukuthi izinsolo ezibekwe ngesikhundla engikuso azinasisekelo, azinaqiniso kuphela nje zihlose ukungcolisa igama lami kanye nesithunzi sami njengomuntu oqeqeshiwe,” usho kanje.

Esithombeni ngenhla: Isikhungo sokuhlola abashayeli base-Richmond.

Umthombo wesithombe: Facebook

Izihloko zakamuva