Zukile Majova
Cishe njalo ngempelasonto ingqalasizinda enhle yase-Mount Ayliff Stadium kanye nezinkundla zezemidlalo ziyaqhuma inqwaba yamaqembu ebhola lomnqakiswano agcwala esuka esifundeni sonke sase-Alfred Nzo e-Eastern Cape.
Imvamisa ingqalasizinda eyakhiwe ngemali yabakhokhi bentela iphenduka izindlovu ezimhlophe ezingenawo amakhodi ezemidlalo ayisebenzisayo.
Hhayi lapha.
Cishe amaqembu angama-20 asuka emadolobheni aseduze okubalwa kuwo i-Matatiele, iMbizana, EmaXasibeni, KwaBhaca neNtabankulu azophinde ahlangane ngeSonto.
Isifunda sesiqalile nokufaka abesilisa kulo mdlalo namaqembu amathathu asevele ebhalisele iligi yabesilisa yebhola lomnqakiswano.
U-Avela Theni, umphathi wezezimakethe nokukhangisa phakathi nesonto, usanda kusungula iqembu e-Mt Ayliff nabalingani asebenza nabo nabangani abavela ezinkampanini zendawo.
“Sonke siyizingcweti ezisebenzayo ezathola uthando lwebhola lomnqakiswano ngesikhathi sisesikoleni samabanga aphezulu.
“Kanti manje sidlalela ukuzijabulisa kodwa nokuzivocavoca umzimba nokulawula isisindo.
“Konke kumnandi ngomculo nokudansa.”
Yonke lenqubo yebhola lomnqakiswano iphiliswe ngokusebenzisana okusha phakathi kwe-Netball SA nabakhiqizi beziphuzo ezibandayo i-Twizza sebefake imali kulo mdlalo, basungula i-Twizza Netball Club Championships.
Lo mqhudelwano uqale nje ngoNhlaba uzoqhubeka kuze kuphele uMandulo, ngamaqembu ehlukaniswe ngezifunda, izifundazwe kanye nangezwelonke.
Lo mncintiswano uvule namathuba kubathandi bebhola lomnqakiswano abangabaqeqeshi, onompempe nabaphathi ukukhombisa amakhono abo nokuthola ukuholwa nokuqeqeshwa ngobungcweti.
UMengameli we-Netball SA uCecelia Molokwane uncome ukubambisana ne-Twizza njengethuba lokuyisa ibhola lomnqakiswano emqhudelwaneni wezindawo ezisemakhaya e-Eastern Cape, e-Limpopo nakwezinye izifundazwe ezingenawo amadolobha amaningi.
“Sikholwa wukuthi lesi yisiqalo sezinto ezinkulu ezizayo. Ngifuna ukukhuthaza bonke abadlali ukuthi babambe iqhaza kulo mqhudelwano futhi baphonsele izifunda inselelo yokuqinisekisa ukuthi sikwenza kwenzeke lokhu.”
Kuze kube manje izifunda ezingama-52 ezimele amaqembu abalelwa kwayizi-1 040 ezweni lonke zibambe iqhaza kulo mqhudelwano.
Ngemuva kwemidlalo emibili edlalwe e-Alfred Nzo District Twizza League, i-Matat NC ihola iligi ngamaphuzu amane, i-Spears isendaweni yesibili nayo ngamaphuzu amane kanti i-Crinums kweyesithathu ngamaphuzu amane.
Umzuliswano olandelayo wemidlalo uhlelelwe iSonto.