Lubhalwe nguLinda Ximba
Kumiswe ilayisensi yesikhulu se-J4Joy Boxing Promotions uJacob Mnisi ngemuva kokusebenzisa ngokungemthetho izithombe zeSilo samaZulu uMisuzulu kanye nezomshayisibhakela osewathatha umhlalaphansi waseMelika uFLoyd Mayweather Jnr.
Lezi zithombe zasetshenziswa ukukhangisa umqhudelwano waseThekwini owabhuntsha ngoZibandlela nyakenye.
I-Boxing South Africa (BSA) ibeke lezi zinsolo ngemuva kokuthi igcine imthathele izinyathelo ngokumisa ilayisensi yakhe ngokushesha njengoba kusalindwe ukuthi avele ngaphambi kwesigcawu sokuqondiswa kwezigwegwe.
USihlalo webhodi le-Boxing South Africa, uLuthando Jack ukuqinisekisile ku-Scrolla.Africa ukuthi banikeze uMnisi incwadi emazisa ngokumiswa kwelayisensi yakhe futhi basebenzela ukunquma usuku lokulalelwa kwecala.
“Okwenziwe uMnu Mnisi kulethe ihlazo kwezemidlalo ngesikhathi izindaba zokuthi uMayweather nethimba lakhe babengeyona ingxenye yalo mqhudelwaneni wakhe owaba sematheni emazweni omhlaba. Wabe esenza kakhulu ngokwedlulele ngokusebenzisa igama leSilo samaZulu ekukhangiseni umqhudelwano wakhe.
“Waziphatha ngendlela enokukhwabanisa nokungathembeki ekusebenzelaneni noMayweather nethimba lakhe. Konke lokhu kwakha isithombe sokuthi i-Boxing South Africa inikeza amalayisensi noma ivumela ophromotha abangenasimilo ukuthi bahlele imiqhudelwano,” kusho uJack.
Le mpi eyayihlelelwe ukuba ngomhlaka-11 kuZibandlela yahlehliswa kabili ngaphambi kokuthi ihoxiswe. UMnisi wehluleka ukuhlangabezana nezibopho zezimali zabashayisibhakela baphesheya waphinde wehluleka ukukhokha imali yesigwebo kwi-World Boxing Federation.
Kwakumenywe abashayisibhakela base-Namibia, e-Mexico naseMelika ukuthi bazohlubana ngequpha nompetha bakuleli abafana no-Azinga Fuzile, uRoland Malindi kanye noMapule Ngubane ezimpini zamazwe ngamazwe. Kodwa bachitha isonto lonke bedlalisa izithupha emagumbini abo ehhotela.
Kodwa-ke, yize bengangenanga eringini bonke abashayisibhakela okwakumele balwe emqhudelwaneni ongaphumelelanga bathola imali.
UMnisi akatholakalanga ukuba aphawule. Osondelene naye uMnu Squire Ndamase uthe baxoxisana nabeluleki babo kwezomthetho ngalolu daba.
Esithombeni esingenhla: USquire Ndamase, iSilo uMisuzulu kanye noJacob Mnisi
Umthombo wesithombe: Twitter