Menzi Magubane
Iqembu lebhola AmaZulu lisengawina ngemuva kokudlala kathathu kwiligi ye-DSTV Premiership kanti basanamaphoyinti amabili kuphela.
Umqeqeshi waMaZulu uBennie McCarthy, owaziwa ngentukuthelo yakhe, udinwe kakhulu njengoba izinto zingahambi ngendlela afisa ngayo. Indlela akhulume ngayo nomqeqeshi weqembu elibizwa nge-SuperSport United uKaitano Tembo kuyakuveza ukudinwa kwakhe.
Lokhu kungamfaka enkingeni nabaphathi beligi. Lo owayengumdlali weBafana Bafana ubonakale kwividiyo evele kumabonakude we-SuperSport ediniwe kakhulu ephendulana noTembo esho amagama angemahle.
“Ngilahlekelwe iyona yonke inhlonipho ebenginayo ngawe” kusho uMcCarthy ethetha ebheke ngakuTembo.
“Ingakho ungenamali. Ikusasa lakho kwiqembu le-Seven Stars, i-Ajax Cape Town liphi……ufuna sijule kulungile ngizojula. Ungithuke ngenhlamba! Kusho uMcCarthy egcwele ukuthukuthela.
NgoLwesihlanu oludlule wathethisa uNyasa owaziwa ngoBig Bullets ngemuva kokuba Usuthi liwine ngo 1-0 lidlala ne-Malawi.
UMcCarthy akaqali ukwenza lokhu. Esadlalela iqembu le-Orlando Pirate wayejwayele ukukhuluma amagama angemahle kumqeqeshi we-Bidvest Wits uRoger de Sa kanye no-Eric Tinker.
AmaZulu angase aphume kwiligi ye-CAP Champions ngemuva kokuba bahlulwe iqembu le-Bullets bedlalela ekhaya noma benalo ithuba lokuthi bazisindise emlenzeni wesibili ngoMgqibelo e-Malawi.
Usihlalo weqembu loSuthu uSandile Zungu ukubeke kwacaca ukuthi kule sizini ufuna iqembu lihambe ibanga elinde kulomncintiswano.
UMcCarthy ucashunwe ethi “uma ngabe iqembu le-Chiefs lingafika kowamanqamu kanjalo neqembu laMaZulu lingakwenza lokho futhi likwenze kangcono.”
Uma ngabe izinto zingahambi ngendlela kaMcCarthy kumele sikulindele ukuthethiswa kukaTembo.
Umthombo wesithombe:@SuperSport