Umqeqeshi wezwe laseMelika engcupheni yokufakwa amasondo

Lubhalwe nguDylan Bettencourt

Ngaphandle kokubhekana nengcindezi yeNdebe yoMhlaba ye-Fifa ebise-Qatar, iqembu lebhola laseMelika seliphinde labhekana nengwadla evela kubazali bomunye wabadlali balo abathembisayo.

Iqembu laseMelika lifinyelele emzuliswaneni ka-16, kodwa kwaqhamuka imibuzo mayelana nomdlali enekhono uGio Reyna we-Borussia Dortmund yokuthi kungani enikezwe isikhathi esincane sokudlala.

Okunye osekuvelile ukuthi umqeqeshi ophezulu uGregg Berhalter kanye nomndeni wakwaReyna bebazana esikhathini esesadlula.

Abazali bakwaReyna kuthiwa batshele umfelandawonye webhola laseMelika ukuthi bazokhipha imininingwane ebucayi ngomqeqeshi.

UClaudio noDanielle Reyna abangabazali balo mdlali wasesiswini oneminyaka engu-20 ubudala, kuthiwa bangabangani abakhulu noBerhalter njengoba yena noClaudio babedlala ndawonye eqenjini lesizwe laseMelika.

Kodwa-ke, ngesikhathi somqhudelwano abazali bakaReyna bembulele umfelandawonye webhola laseMelika ukuthi esemusha uBerhalter wayeshaya umkakhe.

UBerhalter uvumile ukuthi uma bexabana bephuzile wayeyishaya emlenzeni intombi yakhe yangaleso sikhathi kodwa manje osekungunkosikazi wakhe weminyaka engu-25. 

“Azikho izaba ngesenzo sami ngalobo busuku. Kwakuyisikhathi esiyihlazo futhi engizisolayo ngaso kuze kube namuhla,” kusho uBerhalter esitatimendeni ku-Twitter.

Umama kaGio Reyna wabelane ngesitatimende sakhe ethi ucasulwe ukuphawula kukaBerhalter ngendodana yakhe ngesikhathi semidlalo.

“Bengifuna ukumazisa ukuthi ngicasukile futhi ngiphatheke kabi ngokuthi uGio ubekwe esimweni esibi kangaka futhi ngizizwe ngiphoxekile ngesenzo somuntu umndeni wami owawumbheka njengomngane wamashumi eminyaka.”

UDanielle uphinde wathi ukuhlukunyezwa kukankosikazi kaBerhalter bekukubi kakhulu kunalokho obekubekwe umqeqeshi.

Inkontileka kaBerhalter njengomqeqeshi webhola labesilisa eMelika iphele ngempelasonto edlule kanti isikhundla sakhe manje sisengozini enkulu.

“UGregg Berhalter usazocatshangwa njengomuntu ofanele umsebenzi wokuba umqeqeshi kuze kube kwenziwa uphenyo kanye nokubuyekezwa kodaba lwakhe,” kusho uMengameli wenhlangano yebhola laseMelika uCindy Parlow Cone ngoLwesithathu ngesikhathi kuqhubeka ingqungquthela yabezindaba.

Isithombe esingenhla: UGregg Berhalter

Umthombo wesithombe: Abantu

Izihloko zakamuva