Umqeqeshi wezokusubatha ubhekene necala lokungaziphathi kahle ngokocansi

Dylan Bettencourt

URana Reider, ongomunye wabaqeqeshi abahamba phambili kwezokusubatha emhlabeni, uzophenywa yisikhungo saseMelika i-SafeSport kulandela izinsolo zokungaziphathi kahle ngokocansi.

Lo mqeqeshi waseMelika oneminyaka engama-51 ubudala usenze abasubathi abaningi banqobe izindondo zegolide kuma-Olimpiki eminyakeni edlule. Emidlalweni yase-Tokyo yangowezi-2020 uqeqeshe u-Andre de Grasse owanqoba igolide emncintiswaneni we-200m. UReider useqeqeshe abasubathi abasezingeni eliphezulu abafana nabasubathi baseBrithani u-Adam Gemili kanye noDaryll Neita.

Izinsolo ezibhekiswe kulo mqeqeshi zenze ukuthi i-SafeSport iphenye umqeqeshi kanti i-UK Athletics ixwayisa bonke abasubathi baseBrithani ukuthi bayeke ubudlelwane abanabo nomqeqeshi waseMelika kungenjalo kuzomiswa ubulungu babo kwi-World Class Programme.

UReider uziphikile zonke lezi zinsolo, wathi “azihloliwe” futhi “azinabufakazi”.

“I-SafeSport ayikasikhiphi isaziso sezinsolo kuRana,” kusho ummeli kaReider etshela i-The Guardian.

“Isikhathi nezisusa ezisolisayo ezihambisana nalokhu kuhlasela okungagunyaziwe kwesithunzi sikaRana kumele kuphenywe ngokugcwele futhi kuhlolwe, njengoba lokho akukenzeki”.

I-UK Athletics ithumele abasubathi ababili abaziqeqesha ngesaziso sikaReider abathi ababoni kuyisikhathi esifanele sokumataniswa nomqeqeshi.

“Kulandela ulwazi oluvela ku-US Centre for SafeSport ukuthi kunezikhalazo eziningi zokuziphatha kabi ngokocansi ezibhekiswe kumqeqeshi u-Rana Reider nokuthi uphenyo lwaseMelika luseduze,” kusho isigungu esilawulayo.

“Abasubathi base-UK njengamanje abaqeqeshwa nguye kumele bayiyeke yonke inhlangano kuze kuphothulwe lolu hlelo”.

Lokhu akukhona okokuqala umqeqeshi  wezokusubatha ephenywa futhi emiswa isikhungo se-SafeSport. Banikeze umqeqeshi ohlazekile u-Alberto Salazar ukuvinjelwa unomphela ngokuziphatha kabi ngokocansi.

UReider othathwa njengomunye wabaqeqeshi abahamba phambili emhlabeni ujoyine i-UK Athletics ngowezi-2012 ngaphambi kokushiya ngowezi-2014. Ugxeke abasubathi abaningi.

“Mhlawumbe bayakhululeka. Mhlawumbe bayaluthola uxhaso. Mhlawumbe bayizinhlanzi ezinkulu echibini elincane futhi yindlela abayithandayo leyo,” kusho uReider.

Umthombo wesithombe: @TheGuardian

Izihloko zakamuva