Umqeqeshi weSwallows ogane unwabu usanethemba

Sphiwe Masilela

Ngemuva kokuthi ingabibikho ingqubekela phambili eqenjini, umqeqeshi weSwallows uBrandon Truter uphelelwa yisineke. 

“Angijabule ngendlela izinto ezihamba ngayo,” kusho uTruter ngemuva kokuthi iSwallows idlale ngokulingana ngo-1-1 ngesikhathi ibhekene neSupersport United emdlalweni wabo we-DStv Premiership.

Yize iqembu lakhe lidlale ngokulingana imidlalo eyi-15 uTruter usamile ekutheni aqede kwabathathu abaphezulu futhi alungele umqhudelwano weqembu le-CAF ngesizini ezayo.

“Isizini yethu yokuqala futhi siphephile ekwehlisweni ezansi kwetafula, kodwa uma sinqoba eyodwa noma emibili kule eyisithupha esele, singayilungela i-Afrika. Sihlelekile kodwa ukuphazamiseka okukodwa komuntu sijeziswa sonke,” kusho uTruter.

UTruter wengeze ngokuthi udinga ukukhuluma kanye nokuxwayise abadlali abasemgqeni wakhe ongemuva ohlanganisa uWandisile Letlabika onamava noNjabulo Ngcobo ofunwa kakhulu.

“Ngiphoxekile ukuthi besinabadlali abathathu maphakathi nenkundla kodwa savumela uSipho Mbule ukuthi ashaye igoli,” esho.

ISwallows njengamanje isele ngamaphuzu amathathu kuLamontville Golden Arrows esendaweni yesithathu kanti indawo yesithathu izoyifaka kulo mqhudelwano wezwekazi.

ISwallows ilahle amaphuzu angama-21 kule sizini, njengoba ibihola emidlalweni eyi-18 kwengama-24, kodwa ikwazile ukuqhubeka nokuwina eyisishiyagalombili kuleyo.

NgoLwesihlanu, iSwallows izodlala neMaritzburg United edinga kakhulu amaphuzu asezingeni eliphezulu ukuze inyukele phezulu.

Umthombo wesithombe: @SuperSport

Izihloko zakamuva