Umqeqeshi weSundowns uthi isayinde indlela 

Lubhalwe nguMichael Madyira

Umqeqeshi weMamelodi Sundowns uRhulani Mokwena usexwayise abadlali bakhe mayelana nokujabula ngokweqile ngemuva kokuwina kwabo ngo 5-2 kowe-CAF Champions League ngoMgqibelo bebhekene ne-Al Ahly.

ISundowns idlale ngesitayela ukuze ihlule izivakashi zayo zase-Egypt e-Loftus Versfeld.

Lokhu kuwina kuholele ekutheni iSundowns ibuyele esicongweni ku-Group B yaphinde yangena kuma-quarter-final njengoba kusasele imidlalo emibili kuleli qoqo.

Abafana bakaMokwena kukhulunywa ngabo njengezintandokazi zesicoco se-Champions League kodwa lo mqeqeshi osemusha akapholisanga maseko ukuxwayisa abadlali bakhe.

Ukuthathela phansi ukuwina kwangoMgqibelo njengoba ethe lokhu kuwina akukabaniki isicoco se-Champions League abalokhu balelwa ukusiwina kusukela ngo-2016.

“Indoda ehlakaniphe kakhulu yake yathi ngezikhathi ezimbi bazolile kanti ngezikhathi ezimnandi basuke bezole nakakhulu,” kusho uMokwena etshela abezindaba.

“Bangabadlali bebhola abahle kakhulu, umdlalo ngowabadlali futhi kubafanele ukunconywa.

“Kodwa ngizoba ngowokuqala ozobakhumbuza ngokushesha ukuthi inde indlela okumele bayihambe futhi lokhu akusho ukuthi sebephumelele. Lo mphumela awuzange usilethele indebe.”

Sekuphele amasizini amathathu iSundowns yenza ezibukwayo esigabeni samaqoqo, ikwazile ukungena esigabeni somkhumulajezi isalelwe umdlalo owodwa kodwa yehluleka ukudlula kuma-quarter final.

Lokho okwenzeka phambilini kufakazela amazwi kaMokwena njengoba enqaba ukugubha lo mphumela.

I-Champions League ihlezi iphunyuka iSundowns ngale kokuthi yiyona ehola phambili kwi-Premier Soccer League.

UMokwena akazifihli izinhloso zabo ezwenikazi.

“Singabantu abathanda ibhizinisi futhi sifuna ukuwina izindebe; silapha ukuzowina izindebe,” kusho uMokwena.

“Yilokho okwenzeka emaqenjini amakhulu, sahlulelwa ngalokho. Ngakho ngiyabahalalisela futhi ngiyaziqhenya ngaleli qembu labadlali.”

ISundowns isizosonga imidlalo yamaqoqo ngokuvakashela i-Al Hilal ngaphambi kokwamukela i-Cotonsport.

Esithombeni esingenhla: URhulani Mokwena

Umthombo wesithombe: Mamelodi Sundowns

Izihloko zakamuva