Umqeqeshi weStellies ukhala ngokuchema kukanompempe 

Lubhalwe nguMichael Madyira

Umqeqeshi we-Stellenbosch FC, uSteve Barker udalule ukuthi abadlali beKaizer Chiefs bazivumele bona ukuthi bawine umdlalo wangoMgqibelo we-Premier Soccer League ngenxa yokuchema kukanompempe.

IKaizer ishaye iStellenbosch ebidlala ngabadlali abayishumi ngamagoli amabili kwelilodwa enkundleni yase-FNB emdlalweni obugubuzelwe yizinxushunxushu.

IStellenbosch idlale imizuzu engu-74 ishodelwa ngumdlali oyedwa kulandela ukukhishwa kwekhadi elibomvu likhishelwa unozinti uSage Stephens kanti iChiefs ishaye igoli ngephenathi. 

UBarker uchaze unompempe njengochema nabadlali beKaizer.”

Umqeqeshi weStellenbosch usole unompempe uTshidiso Mkwanazi ngokugixabeza iChiefs ngama-free-kick aphindwe kabili ebhokisini, kodwa ushaye indiva abadlali beStellenbosch. 

Uthi abadlali beChiefs bavumile ukuthi unompempe akawuphathanga umdlalo ngendlela efanele.

“Uyazi uma abadlali beqembu enisuke nibhekene nalo beza kuwe baxolise ngendlela unompempe awuphethe ngayo umdlalo kuyajabulisa kakhulu ngibona isibindi sabo sokuthi beze kimo bangitshele lokho,” kusho uBarker kwabezindaba.

Yize uBarker eveze ukungebami kwakhe kodwa umqeqeshi weChiefs, u-Arthur Zwane uthe iyona kanye indlela abebefuna umdlalo uphele ngayo.

UZwane uthe balenze ngendlela egculisayo icebo labo lokukhungathekisa izimbangi zabo zase-Cape Winelands nakuba umqeqeshi weKaizer engeneme ngezinga abakade bedlala ngalo. 

“Ngicabanga ukuthi siqale kahle njengoba sijwayele ukwenza,” kusho uZwane.

“Sifake iqembu eliphikisayo ingcindezi enkulu saze sabaphoqa ukuthi benze amaphutha. Sithole iphenathi futhi ngokuphazima kweso balahlekelwa umdlali oyedwa.

“Besingakusebenzisa lokho, besingashaya okungenani amagoli amane ngaphambi kokubi kuyiwe ekhefini. Besingenazwelo ngokwanele phambi kwamapali.”

Ukunqoba kwangoMgqibelo kwenze iChiefs yaba nemidlalo emine esiyinqobile kwiligi njengoba iqede umdlalo wayo wesihlanu neStellenbosch ingahlulwanga.

Isithombe esingenhla: IChiefs idlala neStellenbosch

Umthombo wesithombe: IKaizer Chiefs

Izihloko zakamuva