Lubhalwe nguDylan Bettencourt
I-Orlando Pirates ishaye iMagesi FC ngo 2-1 ukuze ifinyelele kowandulela owamanqamu weCarling Knockout, kodwa umqeqeshi u-Abdeslam Ouaddou ucasukile ngendlela iqembu eliqede ngayo.
U-Ouaddou uthe abadlali baphendule imizuzu yokugcina isekisi wabaxwayisa ukuthi bagxile emagolini, hhayi ebholeni lokutayela.
Umqeqeshi we-Orlando Pirates, u-Abdeslam Ouaddou, akazange ajabule ngemuva kokuthi ezakhe zinqobe ngo 2-1 kwi-quarterfinal yeCarling Knockout zihlula iMagesi FC.
Yize enqobile kodwa umqeqeshi wamaBhakabhaka ucasukile ngendlela abadlali bakhe abaqede ngayo umdlalo. Ubasole ngokweza izitayela kakhulu esikhundleni sokuqeda ngegiya eliphezulu.
“Siqale kahle ngomfutho omkhulu, futhi ngiyaziqhenya ngendlela esilwenze ngayo uhlelo lomdlalo,” kusho u-Ouaddou. “Ngesikhathi sekhefu, ngabe bese sishaye amagoli amahlanu phezulu.”
Kodwa iphimbo lakhe lishintshile ngesikhathi ekhuluma ngemizuzu engu-15 yokugcina.
“Kumele siwuyeke lo mbhedo. Uma sifuna ukuya phambili, kufanele siyeke ukudlala amaphasi amancane ekhoneni elilodwa sengathi siyatayela,” esho. Besidinga ukunqoba lomdlalo kungazange kungene igoli.”
U-Ouaddou uthe iqembu kufanele ligxile ekushayeni amagoli kunokubukisa ngeminyakazo ewubukhazikhazi.
“Ngiyawahlonipha amasiko alapha, iNingizimu Afrika iyizwe elithanda ibhola, kodwa kumele sithole ukulingana phakathi kokwenza umbukiso nokwenza umsebenzi wethu,” usho kanje.
Lo mdlali wangaphambili wengeze ngokuthi nakuba ejabulela ibhola elithokozisayo, kufanele libe nenjongo ngaso sonke isikhathi.
“Ungenza amaphasi angu-20 kuya kwangu-30 bese uya phambili. Kodwa ukwenza amaphasi angu-30 ngama-square metres amahlanu? Lokho akukuhle neze, “kusho yena.
Esithombeni esingenhla: Orlando Pirates.
Umthombo wesithombe: @orlandopirates
