Umqeqeshi wePirates akawuvali umlomo ngoMaswanganyi 

Lubhalwe nguRazeen Gutta

UMaswanganyi ushaye iphenathi enzima ngesikhathi iPirates iguqisa iChiefs.

Umqeqeshi wePirates uncoma isibindi somdlali wakhe ngokuthatha ingcindezi yomzuzu omkhulu.

Isihlabani se-Orlando Pirates, uPatrick Maswanganyi, uzibambele mathupha eshaya iphenathi eguqise iKaizer Chiefs kowomkhaya yaseSoweto ngoMgqibelo

Lo mdlali oneminyaka engu-26 ubudala ubhakuzise inethi ngephenathi e-FNB Stadium ebigcwele phama, wajabulisa abalandeli bePirates.

Umqeqeshi wePirates, uJose Riveiro, usincoma akaqedi isibindi sikaMaswanganyi sokuthatha iphenathi eyingozi kangaka emdlalweni omkhulu kunayo yonke kule sizini.

“Njengoba abantu bemgxeka uPatrick, kimina, ngokombono wabaqeqeshi, nginike abadlali abahlale befuna ukuba sebholeni ezimeni ezifana nalezi, emidlalweni efana neyanamuhla nalapho izinto zingahambi kahle khona,” kusho uRiveiro etshela abezindaba.

“Uhlala elifuna njalo ibhola. Futhi uyawenza amaphutha ngoba uhlezi ezibeka emgqeni. Ngakho, sibusisekile ngokuba nomdlali ofana naye.”

Lokhu kuwina kubeke iPirates endaweni yesibili, kodwa isasele ngamaphuzu ayisithupha kuMamelodi Sundowns ezihola phambili, esashodelwa umdlalo owodwa.

U-Riveiro ubebonga engaqedi ngomnqobi wakhe womdlalo, owakhuphula amasokisi ngesikhathi esibaluleke kakhulu.

“Ngicabanga ukuthi namuhla ukhombisile ukuthi unalolo hlobo lobuntu lokucela lezo zikhathi lapho isimo sibalulekile futhi sibucayi futhi kungelula ukusithatha.”

“Ababaningi abantu abanjalo. Uma kungahambi kahle kuzoba…ngiyayazi ingxoxo [ukugxeka].

“Kodwa ngiyajabula ngaye ngemuva kokwenzeka eKapa ukuthola ithuba elifana naleli namuhla esimweni esifana nalesi ngomzuzu wesi-94. Ngakho, yebo, unomqondo omuhle.”

Osesithombeni ngenhla: UPatrick Maswanganyi.

Umthombo: @sahil_e_

Izihloko zakamuva