Umqeqeshi weBucs uyazisola ngokuhlulwa kweqembu lakhe

Menzi Magubane

Umqeqeshi we-Orlando Pirates, uMandla Ncikazi, uthi nguye okumele asolwe ngokuhluleka kweqembu kowamanqamu we-CAF Confederation Cup ngoLwesihlanu.

I-Pirates ibiwuphethe umdlalo ngesikhathi ibhekene ne-RSB Berkane kodwa yalahla amathuba amaningi okushaya amagoli, yagcina ihlulwe ngo 5-4 sekukhahlelwa amaphenathi ngemuva kokudlala ngokulingana ngegoli elilodwa nxazonke.

“Uma iqembu lingawini kuba yiphutha lomqeqeshi. Kuwumthwalo wethu. Ngakho ngiyavuma ukuthi kusolwe mina. Yimina ongalisizi iqembu ukuthi liwine,” kusho uNcikazi.

Lo mqeqeshi uthe azikho izaba zokuhlulwa kweqembu lakhe.

“Njengamanje iqembu aliwashayi amagoli futhi kungumsebenzi womqeqeshi, sihlulwe kowamanqamu, okuwumdlalo obekungamele sihlulwe kuwo,” esho.

“Bekufanele siwine ngesikhathi somdlalo. Sakhe amathuba amaningi futhi siwulawulile umdlalo kodwa asikwenzanga okubaluleke kakhulu, okufaka ibhola enethini.”

Selokhu uNcikazi nozakwabo uFadlu Davids bathatha izintambo ngemuva kokusula kukaJosef Zinnbauer ngoNcwaba, bebelokhu bengaphansi kwengcindezi kubalandeli baleli qembu.

Ukubuya nendebe ye-Confederation Cup e-Nigeria bekungaletha ukumamatheka, hhayi kubalandeli be-Pirates kuphela, kodwa kubo bonke abantu baseNingizimu Afrika.

I-Pirates isalelwe yimidlalo emithathu ku-DStv Premiership kanti isethubeni lokungena ku-Champions League ngesizini ezayo uma iyiwina yonke.

NgoLwesibili idlala ne-Maritzburg United emdlalweni wayo wokuqala ngemuva kobuhlungu benhliziyo.

NgoLwesihlanu bazovakashela i-Royal AM, nayo ekubheke ngabomvu ukuya kwi-Champions League kanti ngngoMsombuluko izodlala umdlalo wayo wokugcina ne-SuperSport United.

Umthombo wesithombe: @iDiskiTimes

Izihloko zakamuva