Umqeqeshi weBucs nesexwayiso esinzima

Menzi Magubane

Umqeqeshi we-Orlando Pirates uMandla Ncikazi unikwe incwadi yesixwayiso yi-Confederation of African Football (CAF) ngenkulumo yakhe ayibhekise kwi-Simba ngoMbasa.

UNcikazi ucasulwe yisenzo esingenabuntu esitholwe yiqembu lakhe e-Tanzania ngenyanga edlule emdlalweni womlenze wokuqala owandulela owamanqamu we-CAF Confederations Cup wabe esethumela isikhalo kwi-CAF.

“I-CAF isihlolisisile isikhalo okukhulunywa ngaso kanjalo nempendulo etholwe yiqembu le-Orlando Pirates. Ibhodi le-CAF lokuqondiswa kwezigwegwe selithumele incwadi yesixwayiso kuMandla Ncikazi mayelana nokuphawula kwakhe.”

I-CAF kusamele ikhiphe usuku uNcikazi okungenzeka abhekane ngalo nebhodi lokuqondisa izigwegwe.

Uthe i-Simba kumele izinyeze njengoba ekhala ngempatho ayithola enkundleni, ehhotela nasesikhumulweni sezindiza.

“Kungani nenza lokhu njengabantu base-Afrika kwabanye abantu base-Afrika?” kusho uNcikazi.

“Sizolithuthukisa kanjani ibhola ezwenikazi? Kufanele sonke siziqhenye ngokuthi i-Simba iwinile kodwa ayizange iwine. Unompempe ubawinisile.”

Lo mqeqeshi owake waqeqesha i-Golden Arrows kuzomele anyathele ngokucophelela uma i-Orlando Pirates isibhekene ne-RS Berkane yase-Morocco kowamanqamu we-Confederations Cup ngoLwesihlanu enkundleni yezemidlalo i-Godswill Akpabio International, e-Nigeria ngo-8 ebusuku.

UNcikazi kuzomele abheke akushoyo kulo mdlalo ukuze agweme ukuba senkingeni nenhlangano eyengamele ibhola e-Afrika.

I-Pirates izobe ibheke ukuqopha umlando ngokuba yiqembu lokuqala laseNingizimu Afrika ukuphakamisa indebe ye-Confederations Cup.

Khonamanjalo, i-CAF imemezele ukuthi umdlalo wamanqamu ozoba ngoLwesihlanu uzobe uphethwe nguJanny Sikazwe.

Lo nompempe odabuka e-Zambia uke waba sematheni ngesikhathi se-Africa Cup of Nations (i-Afcon) ebise-Cameroon ngasekuqaleni konyaka ngesikhathi eshaya impempe yakhe yokugcina kabili ngaphambi kokuthi kuphele umdlalo obuphakathi kwe-Mali ne-Tunisia.

Umthombo wesithombe: @Goal

Izihloko zakamuva