Menzi Magubane
Umqeqeshi weBafana Bafana, uHugo Broos uveze umbono wakhe kwi-South African Football Association (Safa) ngokuchitha umdlalo wobungani ne-Lesotho.
IBafana bekumele iye e-Qatar ngemuva komdlalo we-Morocco iyobhekana ne-Iran emdlalweni wobungani. Kodwa bawuhoxisile lo mdlalo iBafana noBroos basala bengenawo umdlalo abazobhekana nawo.
Nokho i-Lesotho ibizimisele ngokungenela lesi sikhala ukuze inikeze iBafana lowo mdlalo wobungani ngoLwesibili, kodwa uBroos wale waphetha.
Ukubeke kwacaca ukuthi ufuna amaqembu amakhulu wodwa azodlala neBafana.
“Yini esizoyifunda e-Lesotho? Ukudlala ne-Lesotho akuhlukile nokuzilolonga,” kusho uBroos.
Lo mqeqeshi oneminyaka engu-70 ubudala uke watshela i-Safa ukuthi akafuni ukudlala namaqembu afana ne-Mozambique, i-Botswana noma i-Lesotho.
Inhloso yakhe ukuyisa iBafana Bafana esigabeni esikhulu. Uthe ufuna ukudlala ne-Argentina ne-Portugal ngokulandelayo hhayi amaqembu asezingeni eliphansi.
“Sidinga ukuziveza emaqenjini amakhulu ukuze sizihlole ngebhola lethu kanti ukudlala namaqembu afana ne-Lesotho angeke kusisize ngalutho,” kuchaza umqeqeshi weBafana.
UBroos nabafana bakhe babuyele ekhaya ngoMgqibelo behlulwe ngamagoli amabili kwelilodwa i-Morocco emdlalweni wokuqala wokuhlungela i-Africa Cup of Nations yonyaka ka-2023.
Ngemuva kokuthi behoxise umdlalo wabo ne-Lesotho, iBafana kuzomele ilinde izinyanga ezintathu ukuze ibe nomunye umdlalo nelinye iqembu. NgoMandulo iBafana izokwamukela i-Liberia emdlalweni okufanele iwunqobe ku-Group K.
I-Liberia ingaphansi kwaleli qoqo lamaqembu amathathu ngemuva kokuxoshwa kwe-Zimbabwe kule midlalo yokuhlunga. I-Morocco neBafana ibhekwe ngabomvu ukuthi kube yibo abazodla umhlanganiso kuleli qoqo ukuze bangene kwi-Afcon ese-Ivory Coast ngonyaka ozayo.
UBroos useshilo ukuthi uyakwazi okufanele bakwenze uma sebebhekene ne-Liberia ngoMandulo kanti uBroos uzothola ithuba lokubheka umdlalo we-Liberia uma isibhekene ne-Morocco ngoMsombuluko.
Umthombo wesithombe: @Witness