Umqeqeshi weBafana ufuna baqhathwe namaqembu angompetha

Menzi Magubane

Kubukeka sengathi zizophela izinsuku zeNingizimu Afrika zokudlala namaqembu asezingeni eliphansi.

Umqeqeshi weBafana Bafana uHugo Broos ufuna baqhathwe namaqembu angompetha emdlalweni wobungani. Iqembu lakhe elincane lizodlala ne-Guinea e-Belgium bese libhekana nompetha bomhlaba i-France e-Lille.

UBroos uthe iBafana ngeke ifunde lutho ngokudlala nabadlali abafana ne-Botswana noma i-Mozambique.

Ukugwema ukusebenzisa imali ngokudlala namaqembu amakhulu, i-South African Football Association (Safa) ihlele imidlalo ne-Botswana, i-Lesotho, i-Namibia ne-Zimbabwe ngesikhathi semidlalo yamakhefu.

La maqembu wonke akleliswe ngaphansi kweBafana kanti azokhipha amaphuzu ambalwa kwi-Fifa.

“Ngitshelwe ukuthi phambilini imidlalo yobungani eNingizimu Afrika ibihlezi ibhekene namaqembu afana ne-Botswana noma i-Mozambique. Akusikho ukungahloniphi i-Botswana, kodwa ngenxa yokuthi iyiqembu elingcono ihlezi iwina wonke umuntu ajabule. Kodwa ayifundi lutho kule midlalo,” kusho uBroos.

I-Belgian isivele isithole imidlalo emibili yobungani namaqembu aphezulu ase-Afrika nase-Europe, e-Guinea nase-France.

“Manje sesivikele imidlalo emibili yangempela. Sinomdlalo nompetha bomhlaba futhi akmele ngiwuchaze lowo. Siphinde sibe ne-Guinea eyenze kahle kakhulu kwi-Afcon. Banabadlali abahle kakhulu abadlala e-Europe,” kusho uBroos.

“Kuzoba nzima. Futhi kuleyo midlalo ungafunda okuningi. Uma sihlulwa womabili amaqembu kulungile.

Esikubonayo nesingakwazi nesikuhlolisisa ngemuva kwaleyo midlalo kuphindwe kashumi kunalokho esikubonayo uma sidlala ne-Botswana noma naliphi iqembu.”

Uthe ngemuva kwaleyo midlalo uzokwazi ukubona ukuthi abadlali ikuphi abakwaziyo nokuthi badlala  kangakanani uma bebhekene namaqembu asezingeni eliphezulu.

“Kuzoba lula nakimi ukubona ukuthi singabasebenzisa yini kweyokuhlungela i-Afcon elandelayo. Akusekho esingavika ngakho. Kufanele siye e-Ivory Coast ngonyaka ozayo.”

Uma iBafana ikwazile ukunqoba kule midlalo yobungani ingase ithole amaphuzu afanelekile – ikakhulukazi uma ibhekene ne-France ehleli phezulu kunayo. IBafana ihleli endaweni ka-68 emhlabeni, i-Guinea isendaweni ka-86 kanti i-France isendaweni yesithathu.

Umthombo wesithombe: @TheWitness

Izihloko zakamuva