Umqeqeshi weBafana Bafana uncoma iqembu

Menzi Magubane

Umsizi womqeqeshi weBafana Bafana uHelman Mkhalele usincomile isimo sengqondo nokuzimisela okukhonjiswe yiqembu lakhe ngemuva kokushaya i-Uganda ngo 3-2 ngoLwesine emdlalweni wobungani waphesheya.

Bekungumdlalo wokuqala weBafana ngaphansi kobuholi obusha bomqeqeshi oyinhloko uHugo Broos nabisizi bakhe uCedomir Janevski noMkhalele.

Lo mdlali owake wadlalela iBafana wahlabeka umxhwele ngokubuya kweqembu ngemuva kwesigamu.

“INingizimu Afrika inethalente, sesikubonile lokho, kodwa indlela abaziphathe kahle ngayo labafana ibibalulekile futhi sizoqinisekisa ukuthi siyazama ukusebenza nasengqondweni. Sibenze bakholelwe kumathalente abo futhi balwele ijezi,” kusho yena ngemuva komdlalo.

Ngesikhathi echuma kuBafana, umdlali wasesiswini uMkhalele ubenikela ngakho konke okusemandleni ukuqinisekisa ukuthi iqembu lithola imiphumela edingekayo. Wayeyingxenye yeqembu leBafana elaphakamisa indebe ye-Africa Cup of Nations ngowezi-1996 ngemuva kokushaya iTunisia ngo 2-0 kowamanqamu e-FNB Stadium.

“Ukugqoka leliya hembe leBafana Bafana, okuyisibonakaliso sezwe, kusho ukuthi ugcwele uthando olukwenza ufune ukuba senkundleni ngaso sonke iskhathi.”

UMkhalele uvumile ukuthi ngoLwesine, iBafana isendaweni yesibili uma iqhathaniswa neCranes – ikakhulukazi ngesiwombe sokuqala.

“Besinohlelo lobuchwepheshe ebesenza isiqiniseko sokuthi siyalulandela kodwa phakathi nesiwombe sokuqala besizabalaza ngempela. Ngingasho ukuthi lokhu bekungenxa yesipiliyoni esikhonjiswe ngabafana nokuthuka. Futhi okubaluleke kakhulu, besingenaso isikhathi sokuqinisekisa ukuthi sakhe izinhlanganisela ngaphambi komdlalo.

“Sibe nezikhathi ezimbili zokuziqeqesha futhi cishe bonke abadlali abayishumi nanye bebengakaze badlale ndawonye phambilini,” engeza.

IBafana izodlala umdlalo wayo wokuhlungela iNdebe yoMhlaba yeqembu i-G 2022 e-Zimbabwe ekuqaleni kukaMandulo.

Khonamanjalo, ngokuhamba kwesikhathi ngoLwesine ebusuku iqembu le-SA Under-23 lihlulwe ngo 2-0 yiqembu lase-Egypt U/23 emdlalweni wobungani. Lo mdlalo ubuyingxenye yamalungiselelo omqeqeshi uDavid Notoane emidlalweni ezayo yama-Olimpiki aseTokyo.

Umthombo wesithombe: @bafanabafana

Izihloko zakamuva