Umqeqeshi we-PSG uboshelwe elokucwasa ngokwebala

Lubhalwe nguRazeen Gutta

Umqeqeshi we-PSG uChristophe Galtier uyaphenywa ngemuva kokukhuluma amazwi acwasa ngokwebala.

Uvalelwe esitokisini ukuze aphonswe imibuzo ngoLwesihlanu kulandela uphenyo ngenkulumo okuthiwa wayisho ngesikhathi esadlalela iqembu eliku-Ligue 1, i-Nice.

Umsolwa oneminyaka engu-56 ubudala uzovela ngaphambi kwenkantolo yamacala obugebengu yase-Nice ngomhlaka-15 kuZibandlela futhi ubhekene nesigwebo seminyaka emithathu ebhadla ejele.

Kubikwa ukuthi izinsolo ezibhekiswe kuGaltier “ngezokucwasa ngokohlanga noma ubulungu benkolo ethile,” ngemuva kokuthi wenza izitatimende zokucwasa (Islamophobic) ngesikhathi ese-Nice phakathi kuka-2021 no-2022.

Owayengumqondisi webhola uJulian Fournier uthumele i-imeyili eputshukile kubanikazi beqembu ngoMbasa, lapho uGaltier asolwa khona ngokuthi wathi baningi kakhulu abadlali abamnyama nabangamaSulumane eqenjini.

Ngaleso sikhathi, umphathi we-PSG waziphika izinsolo futhi ngokushesha waqala izinyathelo zomthetho.

“UChristophe Galtier wamangala ezwa ngamazwi ahlambalazayo nalulazayo kaMnu Julien Fournier abhekiswe kuye,” kufundeka isitatimende sommeli wakhe.

“Ngenxa yobucayi bamacala abekwe wona nawaphikisa kakhulu, uChristophe Galtier waya kummeli wakhe ngokushesha.”

UGaltier kunamahlebezi okuthi uzoshiya isikhundla sakhe njengomqeqeshi wompetha base-France njengoba uLuis Enrique kumanje uyintandokazi yokuvala isikhala sakhe.

Isithombe esingenhla: Christophe Galtier

Umthombo wesithombe: @philipmelo126

Izihloko zakamuva