Umqeqeshi we-Orlando Pirates uJose Riveiro uzoshiya ekupheleni kwesizini

Lubhalwe nguDylan Bettencourt

  • Umqeqeshi wePirates uJose Riveiro utshele abaphathi ukuthi ngeke ayivuselele inkontileka yakhe uma iphela ngoNhlangulana kulonyaka.
  • USihlalo u-Irvin Khoza ubonge uRiveiro, wathi ulethe injabulo, impumelelo kanye nesasasa kumaBhakabhaka.

Uzoshiya eqenjeni lePirates umqeqeshi uJose Riveiro. 

Iqembu likuqinisekisile ngoLwesine ukuthi lo mqeqeshi wase-Spain uzohamba ekupheleni kwesizini uma kuphela inkontileka yakhe ngoNhlangulana.

“UJose Riveiro ubazisile abaphathi ngesinqumo sakhe sokungayivuseleli inkontileka yakhe yamanje,” kusho iqembu esitatimendeni esifushane.

Sekuphele amasonto kunezinkulumo eziningi ngekusasa likaRiveiro. 

Manje sekusemthethweni: ngemuva kweminyaka emibili eqeqesha amaBhakabhaka, useyavalelisa.

Iqembu lincome uRiveiro ngokubazisa kusenesikhathi ukuze baqale ukuhlela impilo ngaphandle kwakhe.

“Ngokuvumelana nezifiso zomqeqeshi, iqembu lizoma ukwenza izimemezelo ezinemininingwane ngalesi sikhathi,” kwengeza isitatimende.

USihlalo uMnuz Irvin Khoza uthe bebenethemba lokuthi uzohlala isikhathi eside.

“Sibonga ngakho konke akwenzele iqembu. Injabulo elethwe nguJose nabasebenzi bakhe abeseka leli qembu ngeke siyikhohlwe,” kusho uKhoza.

Iqembu alizange lisho ukuthi yini elandelayo ngoRiveiro noma ubani ongangena esikhundleni sakhe.

Esithombeni esingenhla: UJose Riveiro uzoshiya kumaBhakabhaka ekupheleni kukaNhlangulana

Umthombo wesithombe: Orlando Pirates

Izihloko zakamuva