Dylan Bettencourt
UKim Raisner, umqeqeshi waseJalimane kwi-modern pentathlon, ukhonjiswe umnyango yi-International Modern Pentathlon Union ngokushaya ihhashi komunye wemilenze yalo yangemuva.
URaisner ubezama ukusiza umgibeli wakhe u-Annika Schleu ukulawula ihhashi ngaphambi komqhudelwano ngoLwesihlanu ekuseni. Umsubathi ngamunye unikezwa imizuzu engama-20 ukuze azijwayeze nehhashi angakaze aligibele phambilini kodwa uSchleu akakwazanga ukulilawula.
USchleu ungene eringini izinyembezi zigcwele ubuso futhi engakwazi nokuncintisana ngenxa yokuthi ihhashi belingamuthandi umgibeli. Okuqoshiwe kukhombise ukuthi umqeqeshi wakhe ushaye ihhashi ngenqindi kulandela ukuzama ngokungaphumeleli kukaSchleu ukulawula ihhashi.
I-UIPM ikhiphe isitatimende kulandela lesi sigameko: “I-UIPM Executive Board (i-EB) inikeze umqeqeshi weqembu laseJalimane uKim Raisner ikhadi elimnyama, okumenza angafaneleki ukubakhona emidlalweni esele ye-Tokyo 2020. I-EB ibuyekeze okuqoshiwe okukhombisa uNkk Raisner eshaya ihhashi uSaint Boy”.
Isitatimende siqhubeke nokusho ukuthi okwenziwe ngumqeqeshi bekungukuphula okusobala imithetho ye-UIPM esetshenziswa emincintiswaneni ye-modern pentathlon efana nama-Olimpiki.
Umthombo wesithombe: @SkySports