Lubhalwe nguDylan Bettencourt
Ngaphambi komdlalo owandulela owamanqamu neMamelodi Sundowns, uNabi uthuse abadlali ethi uzohamba uma bengahlulwa.
I-Chiefs manje ibheke kowamanqamu we-Nedbank Cup lapho izobhekana khona ne-Orlando Pirates kanti uNabi usabambe izintambo.
Umqeqeshi we-Kaizer Chiefs, uNasreddine Nabi, ucishe wapakisha izikhwama zakhe, kodwa konke kwashintsha ngesikhathi iqembu lihlula i-Sundowns.
Ngaphambi komdlalo owandulela owamanqamu we-Nedbank Cup ngeSonto lapho bebhekene neMamelodi Sundowns, uNabi uqhulule ibhomu egunjini labadlali. Etshele abadlali bakhe ukuthi uma bengafikanga kowamanqamu, uzohamba, kubika i-Citizen.
“Angazi noma bekuyiqhinga nje lokugqugquzela abafana noma ubezimisele,” kusho umthombo otshele iMgosi Squad. “Kodwa kusebenzile impela, uyabona ukuthi abadlali bebezimisele kangakanani.”
Umthombo uthe bekuthulekile ngesikhathi uNabi enza lesi simemezelo. “Abadlali bebeshaqekile,” echaza.
UNabi ujoyine Amakhosi ekuqaleni kwesizini, enethemba elikhulu lokuthi uzobuyisa udumo kuleli qembu elidonsa kanzima. Kodwa kube umqansa kuligi.
Manje, njengoba inqobe kanzima i-Sundowns, i-Chiefs isalelwe ngumdlalo owodwa ku-silverware kanti uNabi usangumqeqeshi.
Izobhekana nezimbangi zayo ezinkulu i-Orlando Pirates kowamanqamu eMoses Mabhida Stadium ngoMgqibelo ngomhlaka-10 kuNhlaba.
Esithombeni esingenhla: Umqeqeshi we-Kaizer Chiefs uNasreddine Nabi.
Umthombo wesithombe: @KaizerChiefs
