
Dylan Bettencourt
Umphathi weChelsea, uThomas Tuchel, ukugxekile ukucula kwabalandeli ngomnikazi weqembu wase-Russia uRoman Abramovich ngesikhathi beshayela ihlombe umzuzu owodwa besekela i-Ukraine.
“Akusona isikhathi sokwenza lokhu. Uma sibonisa ubumbano, kufanele sikhombise ubumbano ndawonye,” kusho umphathi waseJalimane.
Ekuhambeni kwesikhathi iqembu labalandeli be-Chelsea liphazamise lesi senzo ngaphambi kokuthi kuqale umdlalo, kanti lokho kucasule abalandeli be-Burnley abakhiphe amazwi okucasuka bebhekise kubalandeli bamakilabhu ase-London.
URoman Abramovich umemezele ukuthi uzodayisa leli qembu ngemuva kwezinsuku i-Russia ihlasele i-Ukraine.
U-Abramovich usolwa ngokuba nobudlelwano obuseduze noMengameli wase-Russia uVladimir Putin, nokuyinto ayiphikile phambilini.
Yena noma i-Chelsea abakaze bambeke cala esidlangalaleni uPutin ngokuhlasela i-Ukraine.
UTuchel ucele abalandeli beqembu ukuthi bakhombise inhlonipho eyengeziwe kulezi zimo.
“Sithatha idolo ndawonye, uma kushone umuntu weqembu lethu, sikhombisa inhlonipho. Akusona isikhathi sokunikeza eminye imiyalezo,” esho.
Yize kubikwa ukuthi ukuhlaselwa kwe-Ukraine kube yimbangela yokuthi u-Abramovich aqinisekise inhloso yakhe yokudayisa iqembu, uTuchel uthe lokho angeke kube yisizathu sokungahloniphi abantu base-Ukraine.
“Nathi lokhu sikwenza ngenxa yalokhu esiyikho njengeqembu. Sikhombisa inhlonipho, futhi sidinga abalandeli bethu ukuthi bazibophezele kulo mzuzu wokushaya ihlombe.
“Sikwenzela abantu base-Ukraine futhi awukho umbono wesibili ngalesi simo. Basemicabangweni yethu futhi siyabaseka, futhi kufanele sime ndawonye njengeqembu,” kwengeza uTuchel.
I-Chelsea yenze umsebenzi oncomekayo ngesiwombe sesibili ihlula i-Burnley ngo 4-0. Ukunqoba kusho ukuthi i-Chelsea ibambe indawo yayo yesithathu, njengoba i-Arsenal esefomini isezithendeni zayo.
Abanqobile be-Champions League bahlulekile ukuvimba igoli le-Burnley ngesiwombe sokuqala. Kodwa igoli likaReece James livule inhlanhla yokuthi kungene amanye amagoli ngesikhathi uKai Havertz engeza ngamagoli amabili, uChristian Pulisic eshaya elokugcina ekhasini lamaphuzu.
Nakuba u-Tuchel evumile ukuthi isenzo sika-Abramovich sibonakale siyisiphazamiso, leli sonto likhombisile ukuthi iqembu.”