Umqeqeshi we-Aston Villa uSteven uthi ukugonywa komdlali kungase kumbeke ethubeni elihle lokuthengiswa

Dylan Bettencourt

Njengoba sekusondele izikhathi zokushintshana ngabadlali ngoMasingana, isihlabani se-English Premier League (i-EPL) kanye nomqeqeshi we-Aston Villa, uSteven Gerrard, uvumile ukuthi ukugonywa komdlali kungaletha umthelela omuhle ekuthengiseni abadlali.

“Ezikhathini eziningi, kwezemidlalo kuye kwadingeka ukuthi kubhekwe imiphumela yomdlali yokugonywa   ngaphambi kokuthi  bathengwe ngamanye amaqembu,” kusho uSteven.

UGerrard uthe ubengakacabangi kakhulu ngokuthi ukugonywa komdlali kungaphazamisa kanjani amathuba abo okuhamba eqenjini lakhe, kodwa uchazile ukuthi kuzoba yinto edingekayo uma sekufike isikhathi sokudayiswa kwabadlali okuzoqalwa ngoMasingana uze uphele.

“Sicophelela kakhulu futhi sinemininingwane mayelana nohlelo lwethu lokuqasha,” kusho umqeweshi.

Uthe umqondisi wezemidlalo uJohan Lange nethimba lakhe babheka yonke into.

“Ngakho-ke, nginesiqiniseko sokuthi kuzovela,” kusho umqeqeshi wangaphambilini we-Rangers.

“Kodwa kusobala ukuthi sizokwenza izinqumo uma sesicabangile ngokuthi ubani esizomthenga ozokwenza okungcono eqenjini.”

Iqembu likaGerrard belingelinye lamaqembu amane abhekane nokubheduka kwe-Covid-19 ngaphambi kwemidlalo yaphakathi nesonto lapho umqeqeshi eqinisekisa ukuthi abadlali ababili nabasebenzi ababili batholakale ukuthi bane-Covid kulandela ukuhlulwa kwabo ngegoli elilodwa eqandeni bedlala neqembu lakhe lakudala i-Liverpool.

Wengeze ngokuthi iningi leqembu lakhe seligonywe ngokugcwele futhi bekumele bathole omunye umjovo ozovuselela lo okhona ngoLwesithathu ngemuva komdlalo wabo ne-Norwich City ngoLwesibili.

I-Premier League ibonakale inesibalo esiphezulu sabantu abatheleleke nge-Covid-19 amasonto wonke njengoba igciwane elihlukile le-Omicron liqhubeka nokusabalala e-United Kingdom. Iligi ithole abantu abangu-42 abatheleleke ngesonto eledlule, okungase kuphoqe ukuvalwa okokuqala ngqa selokhu kwaqala lo bhubhane.

Umthombo wesithombe: @BirminghamMail

Izihloko zakamuva