Umqeqeshi wase-Sudan uphikisana nesinqumo se-CAF sokuqoka uMosimane

Menzi Magubane

Iphutha lomqeqeshi uPitso Mosimane kwaba ukwamukela isimemo esithunyelwe yi-Confederation of African Football (i-CAF).

Kucasule abaningi ukuthi umqeqeshi we-Al Ahly uthole ithuba lokuqhatha emidlalweni yamaqoqo e-CAF Champions League ngesonto eledlule – njengoba iqembu lakhe liseyingxenye yalo mqhudelwano.

Phakathi kwalabo abacasulwe yilesi senzo kubalwa iphini likaMengameli we-Al Merreikh yase-Sudan, u-Adel Abugreisha, osekuqinisekisile ukuthi iqembu lakhe lifake isimangalo kwi-CAF mayelana nomqeqeshi we-Ahly.

Iqembu lase-Sudan liqhathwe eqoqweni elilodwa neqembu likaMosimane i-Al Ahly kanye neMamelodi Sundowns ne-Al-Hilal eqoqweni elithathwa njengeliyingozi.

“Kuyaqala ngqa, ukuthi umqeqeshi welinye lamaqembu angu-16 abambe iqhaza kulo mqhudelwano abe yingxenye yabaqhathi emidlalweni yamaqoqo e-Champions League,” kusho u-Abugreisha etshela i-KingFut.

“Ngenxa yokuthi uMosimane uqoke amaqembu emqhudelwaneni we-Champions League, sesifake isicelo esiphikisa lesi sinqumo ngencwadi esemthethweni esiyibhalele i-Confederation of African Football, ngaphansi kukaMengameli u-Hazem Mostafa. Okwamanje asikayitholi impendulo ebuya kwi-CAF.”

Kubukeka sengathi uMosimane nguyena oyisisulu lapha. U-Abugreisha kufanele ngabe uqondise izikhalo zakhe kuwi-CAF ngesinqumo sayo sokumema uMosimane.

“Lolu daba lumayelana ne-Confederation of African Football. UMosimane ubeyimbangi kanjalo nonompempe ngesikhathi kuqhathwa amaqembu. Akulungile ukuthi umqeqeshi we-Al Ahly abambe iqhaza uma kuhlungwa imidlalo yamaqoqo,” kusho u-Abugreisha.

Mancane amathuba okuthi i-CAF iphinde ikhethe omunye. Ompetha be-Sudan Premier League abawine amahlandla angu-16 bazobhekana neqembu likaMosimane emdlalweni wokuvula ka-Group A ngomhlaka-11 kuNhlolanja.

Umthombo wesithombe: @realpitso

Izihloko zakamuva