Menzi Magubane
Umqeqeshi waMaZulu, uBenni McCarthy, ujabule kakhulu ngemuva kokuthi usihlalo weqembu, uSandile Zungu, eqinisekisile ukuthi Usuthu luzothenga abadlali abasezingeni eliphezulu.
UMcCarthy ubengeneme ngabadlali abakhona eqenjini. Wacashunwa ethi: “Abakadlali ngokwezinga lami. Ngidinga abadlali abazoqinisa isikwati.”
Livulwe ngoMgqibelo ithuba lokudayiswa nokuthengwa kwabadlali njalo ngoMasingana.
Usuthu lusele ngamaphuzu angu-17 kwi-Mamelodi Sundowns esesicongweni njengoba lusendaweni yesihlanu kwi-log ye-DStv Premiership.
Abadlali abasha bazosiza uMcCarthy neqembu lakhe ukuqhudelana kwi-CAF Champions League. Usuthu likwazile ukufinyelela esigabeni samaqoqo e-Champions League okokuqala ngqa.
Sebefakwe namaqembu okubalwa i-ES Setif yase-Algeria, i-Horoya AC yase-Guinea ne-Raja Casablanca yase-Morocco ku-Group B.
“Ngingakuqinisekisa ukuthi kule nyanga kaMasingana sizomemezela abadlali abasha eqenjini lethu, njengoba sidinga ukuqinisa isikwati esizosiholela ekutheni senze kangcono kwi-Champions League,” kusho uZungu.
UZungu waziwa ngokuba ngumuntu onogqozu nozimiselayo kulokho akufunayo kanti lokho wakubeka kwacaca ngesikhathi ethatha izintambo kuPatrick Sokhela, ukuthi ufuna ukubona Usuthu ku-Champions League aphinde alubone lwenza kahle ku-Premiership. Ukwazile ukukufeza lokho ngesizini yakhe yokuqala, ngesikhathi Usuthu luqeda endaweni yesibili ku-log lakwazi ukungena ku-Champions League ngesizini edlule.
Manje uZungu usefuna abanye abadlali abasha futhi nesheke liyamvumela ukwenza lokho.
“Sisesigabeni samaqoqo kanti kunemidlalo eyisithupha ngaphambi kwemidlalo eyandulela kowamanqamu. Kumele siqinise isikwati sethu.”
Usuthu lunqobe izikhondlakhondla zase-Democratic Republic of Congo, i-TP Mazembe lakwazi ukudlulela phambili. Emdlalweni wabo wokuqala bazobhekana nezinkunzi zase-Morocco ekuhambeni ngomhlaka-11 kuNhlolanja.
Umthombo wesithombe:@amazulufc