Umqeqeshi wamaJimbos uvuma induku yeSenegal

Lubhalwe nguMichael Madyira

Umqeqeshi wakuleli uDuncan Crowie uvumile ukuthi abakwazanga ukuthola izixazululo zokuvimba i-Senegal kulandela ukushaywa ngamagoli amahlanu eqandeni okubakhiphe ku-Africa Under-17 Cup of Nations ngoLwesithathu.

Amajimbos ahlulekile ukudlula esigabeni sama-quarter-final kanti ukufinyelela kweyokugcina bekungawatholela ithikithi lokuya kwi-Fifa Under-17 World Cup ezoba ngoLwezi.

Kodwa konke lokhu kuwele ezandleni zabadlali baseNtshonalanga ye-Afrika abanonya ababephakeme ngokomzimba nangokwezobuchwepheshe kunabafana baCrowie.

Ngemuva kokuthi elakuleli lingenzi kahle kuyona yonke imidlalo yamaqoqo kudingeke ukuthi lingene ngesinyenyela kuma-quarter-final njengelinye lamaqembu aphume endaweni yesithathu angcono kakhulu, kanti noCrowie usavuma ngesibindi ukuthi i-Senegal ibingcono kakhulu kunabo. 

“Besazi ukuthi sizobhekana neqembu elizimisele, besazi ukuthi kuzokwenzekani,” kusho uCrowie etshela abezindaba ze-Safa.

“Banabadlali abazimisela kakhulu ikakhulukazi esayidini, abayingozi kakhulu ekugadleni futhi empeleni yindlela abawashaye ngayo wonke amagoli abo. Besazi konke ngakho, kodwa asikwazanga ukukuvimba.

“Abadlali be-Senegal bebenamandla kakhulu kunathi, besiphusha ngaphandle kwebhola futhi nabadlali babo basesayidini bebeshesha kakhulu begadla kulo lonke ithuba abalitholayo.

“Bamandla kakhulu ekugadleni futhi yindlela esizishayele ngayo amagoli ethu. Besazi ngakho, kodwa akukho ebesingakwenza ngakho.”

Amajimbos aphazanyiswe amagoli angene phakathi nemizuzu emithathu eshawa umdlali wasemuva uWaylon Renecke kanye nokaputeni uBenjamin Wallis abavule isango lamanye amagoli.

“Angeke ngisho ukuthi silahlekelwe umdlalo ngenxa yamagoli ashawe abadlai bethu ngephutha,” kusho uCrowie owenqaba ukusola abadlali bakhe basemuva.

“Igoli lesibili lingene ngokushesha ngemuva kwegoli lokuqala. Kuhlale kudumaza ukudedela igoli ngemuva kokusebenza kanzima cishe imizuzu engu-40. Ngeke ngisole muntu. Ukuhlulwa ngamagoli amahlanu eqendeni akumnandi.”

Manje sekuzobonakala ukuthi bangaki abadlali beqembu likaCrowie abazophothula eqenjini lakuleli labaneminyaka engaphansi kuka-20 futhi badlale ibhola le-Premier Soccer League.

Isithombe esingenhla: Umdlali wasesiswini wakuleli, uXolani Tshaka uqhudelana noYaya Dieme wase-Senegal

Umthombo wesithombe: I-CAF

Izihloko zakamuva