Umqeqeshi wamabhokobhoko uyayiphika eyevidiyo emveza egxeka unompempe

Dylan Bettencourt

UMqondisi wamaBhokobhoko uRassie Erasmus uthe ubengeke abeke umsebenzi wakhe engcupheni ngokukhipha ividiyo yakhe egxeka unompempe uNic Berry.

Kulandela ukuhlulwa kwamaBhokobhoko ngo-22-17 bedlala ne-British & Irish Lions ngoNtulikazi odlule, kwavela ividiyo yemizuzu engu-62 ka-Erasmus eveza amaphutha amaningi enziwe unompempe.

Ividiyo yasakazwa emhlabeni wonke. I-World Rugby yabe isivimbela u-Erasmus kunoma imiphi imidlalo yosuku nakuyo yonke into ephathelene nemidlalo kuze kube umhlaka-30 ngoMandulo 2022.

“Angikaze ngibe owesilisa ogqoka amasudi nothayi ozenza ungcwelengcwele,” ukusho lokhu etshela i-Daily Mail, ekhala ngokuthi akazange abambe iqhaza kule vidiyo ebizwa nge-Rassiegate eputshuzelwe emphakathini.

“Yebo, ngingumuntu ozigangele futhi ngiyathanda ukugigitheka kodwa ngiyazazi ngiziphethe ngendlela eqotho.”

U-Erasmus uthe ukukhipha le vidiyo ngokwakhe bekuzolimaza kakhulu umsebenzi wakhe. Uthe unomndeni okumele awubheke futhi ukuputshuka kwvidiyo bekungaba ingozi empilweni nekusasa lakhe.

U-Erasmus, owanqoba iNdebe yoMhlaba namaBhokobhoko ngonyaka ka-2019, uthe ufuna abantu balazi iqiniso njengoba abebhola lombhoxo kanye nabezindaba sebevele bamveza kabi kubantu. 

“Umama wami uhlala ekhaya labadala futhi bayamkhombisa imibhalo ethi, ‘uRassie ulahlekelwe umqondo, unengcindezi, futhi useyaphuza,” kusho lo mqeqeshi.

“Abantu abaningi sebesithathile isinqumo. Uwushintsha kanjani umbono wabantu uma i-World Rugby yangithola nginecala futhi yangivimbela izinyanga ezingu-12? Angifuni abantu bangidabukele. Ngifuna nje bazi ukuthi kwenzekeni ngempela.”

U-Erasmus uthe ukwenza amavidiyo ahlaziya ukusebenza kukanompempe into vele ajwayele ukuyenza.

“Ngifuna abantu bazi ukuthi angisona lesi silwane abathi ngisona nangendlela abangichaze ngayo,” kusho u-Erasmus esephetha. 

Umthombo wesithombe: @SkySports

Izihloko zakamuva