Umqeqeshi wakuleli nesikhundla sokuqeqesha iqembu lesizwe laseBotswana 

Lubhalwe nguMichael Madyira

UMorena Ramoreboli wase-Free State uqokwe njengomqeqeshi omusha weqembu lesizwe lebhola lezinyawo lase-Botswana.

Uthatha izintambo kuDidier Gomes Da Rosa wase-France oshiye leli qembu ngoba eyoqeqesha i-Al Ahli yase-Saudi Arabia.

“I-Botswana Football Association ifisa ukwazisa abantu kanye nomphakathi webhola likanobhutshuzwayo ngokuqokwa kukaMnuz Morena Ramoreboli njengomqeqeshi wesikhashana weqembu lesizwe labesilisa,” kusho i-BFA.

URamoreboli ujoyina iqembu elenza kahle emzamweni layo yokufinyelela ku-Africa Cup of Nations yango-2025 ezoba e-Morocco. I-Zebras iwine imidlalo yayo emibili edlule kanti ihlezi endaweni yesibili ku-Group C, ngamaphuzu ayisithupha ngemuva kwe-Egypt.

“Iqembu lesizwe labesilisa abadala elaziwa ngokuthi ‘i-The Zebras’ lisalelwe imidlalo emibili emqoka yokuhlungela i-Afcon ibhekene ne-Mauritania kanye ne-Egypt,” kusho i-BFA.

“Badinga igoli elilodwa kuphela uma bebhekene ne-Mauritania ukuze bangene ku-Afcon 2025. Ukuqokwa komqeqeshi kwenzelwe ukunciphisa ukukhathazeka kanye nokuphazamiseka ekhempini ye-Zebras.”

URamoreboli uzosebenzisana nethimba labaqeqeshi uDa Rosa alishiye ngemuva. Ukaputeni weqembu lakhe umdlali wasemuva weKaizer Chiefs, uThatayaone Ditlhokwe.

Ujoyina abanye abaqeqeshi baseNingizimu Afrika abasebenza phesheya, okubalwa kubo uPitso Mosimane ose-Iran kanye noFadlu Davids ose-Tanzania.

Esithombeni esingenhla: Umqeqeshi weBotswana uMorena Ramoreboli.

Umthombo wesithombe: Morena Ramoreboli X

Izihloko zakamuva