
Linda Ximba
Umqeqeshi wesibhakela uMichael Sediane angase azithole esenkingeni enkulu ne-Boxing South Africa ngemuva kokuhlasela imbangi yomshayisibhakela wakhe.
Lo mqeqeshi uthwetshulwe ikhamera eshaya umshayisibhakela uJeff Magagane ekhanda ngemuva kokuthi ahlule umshayisibhakela wakhe uSithembiso Maduna.
UMagagane unqobe ngamaphuzu, nokwandise amathuba okuthi angenele isicoco saseNingizimu Afrika se-junior featherweight.
Lesi sigameko esishiye abaningi abathanda isibhakela beshaqekile futhi bephoxekile senzeke e-Booysen Club eGoli ngeSonto ntambama.
Lo mqhudelwano ubuhlelwe yi-Gauteng Boxing Promoters Association (i-GBPA).
Akukacaci ukuthi yini eholele ekutheni uSediane ashaye lo mshayisibhakela kodwa abebesondele eringini bathi inkulumo kaMagagane ecasule uSediane.
“UMagagane ungumuntu owaziwa ngokukhuluma kabi. Usejwayele ukukhuluma kabi kunoma ngubani. Kuthiwa uMichael uye wamxwayisa ngaphambi kokumshaya,” kusho ozibonele.
Ethintwa ocingweni ukuze aphawule, uSediane uluvalile ucingo.
UMagagane utshele i-Scrolla.Africa ukuthi ululekwe ngumphathi wakhe ukuthi angasho lutho kwabezindaba.
Ibamba lesikhulu esiphezulu kwi-Boxing SA, uNsikayezwe Sithole, uthe ulinde umbiko ogcwele kaphromotha nomphathi wesibhakela.
Izenzo zikaSediane kungenzeka zibukwe njengezifaka lo mdlalo ehlazweni. Ilayisensi yesibhakela kaSediane kuthiwa ingase izohoxiswe njengoba ebhekene nokuvinjelwa isikhathi eside.