Umqeqeshi we-Paris Saint-Germain uChristophe Galtier usolwa ngokuzama ukuxosha abadlali “abamnyama nabangamaSulumane” eqenjini lakhe lakudala i-Nice.
Owayengumqondisi weqembu lebhola i-Nice, uJulien Fournier uputshuze i-imeyili kwabezindaba edalula ukuthi uGaltier ucele ukuthi abadlali abathile basuswe eqenjini lase-France.
Bonke labo badlali banokuthile abafana ngakho: abadlali abamnyama, abangamaSulumane noma abayikho kokubili.
Kodwa-ke, uFournier uyakuphika ukuthi uputshuze i-imeyili futhi uthi “useholidini e-Brazil.”
“Angisoze ngagcindezela muntu ngesikhathi ephansi naphezu kokungaboni ngaso linye noChristophe Galtier,” esho, kubika i-Daily Mail.
“Ngaphezu kwakho konke ngiyayihlonipha kakhulu i-OGC Nice kanye nabantu abakhona njengamanje abalungiselela omunye wemidlalo emikhulu emlandweni wabo.”
Esitatimendeni esikhishwe ummeli wakhe kwabezindaba zase-France uGaltier uthe “umangale kakhulu ngesikhathi ezwa ngalo mbiko oyinhlamba nowehlisa isithunzi”, wathi uzothatha izinyathelo zomthetho.
Njengamanje uGaltier uphenywa uMengameli we-PSG, uNasser Al-Khelaifi ngezinsolo zokucela abadlali abangamaSulumane ukuthi bangayigcini i-Ramadan.
Iholide elingcwele lamaSulumane i-Ramadan livimbela amaSulumane ukuthi adle ukudla noma aphuze isiphuzo kusukela ekuphumeni kwelanga kuya ekushoneni kwalo.
Isicelo salo mqeqeshi (56) samukelwe abanye abadlali ngesikhathi uHicham Boudaoui noJean-Clair Todibo benqaba, kubika i-Nice-Matin.
Iqeqebana labalandeli be-PSG abacasukile licele ukuthi uGaltier esule uma kutholakala ukuthi lezi zinsolo ziyiqiniso.
“I-Ultras Paris Collective ibilandela eduze icala likaGaltier. Uma amaqiniso asolwa ngawo eyikho akwamukelekile ukuthi lo muntu ahlale eshadini lenhlangano yeqembu,” kusho iqembu labalandeli esitatimendeni.
Luhlanganiswe nguDylan Bettencourt
Esithombeni esingenhla: UChristophe Galtier
Umthombo wesithombe: Twitter