Umqeqeshi uncoma ifomu enhle yentombazane edlala elikanobhutshuzwayo

Lubhalwe nguDoreen Mokgolo

URethabile Molefe (14) ungumdlali omncane kunabo bonke oqokelwe ukumela elakuleli ku-CAF African Schools Championships e-Zanzibar.

Umdlali wasesiswini wesokudla odabuka eDuduza, e-Ekurhuleni uphakathi kwabadlali abangu-17 abaneminyaka engaphansi kwengu-15 abaqokelwe ukuqhudelana kowamanqamu womqhudelwano kusukela ngomhlaka-21-24 kuNhlaba.

Lo mqhudelwano, ohlanganisa abafana namantombazane aneminyaka engaphansi kuka-15 kuhloswe ngawo ukutshala imali entsheni yase-Afrika.

Engxoxweni abe nayo ne-Scrolla.Africa uJoseph Mkhonza, ongumqondisi wezobuchwepheshe e-Springs Home Sweeper futhi owake waba yiphini lomqeqeshi weBanyana Banyana uthe lo mqhudelwano unikeza ama-scouts ithuba lokubona ithalente likaRethabile.

“Leli ngelinye lamathuba ambalwa kubadlali besifazane bakuleli ukukhombisa ithalente labo kuma-scouts aphesheya,” kusho uMkhonza.

“Nakuba ibhola likanobhutshuzwayo liwumdlalo ohamba phambili ezweni, ibhola likanobhutshuzwayo labesifazane alinayo iligi ekhokhelwayo yabesifazane futhi imidlalo yabo ayivamisile ukusakazwa kumabonakude nokuyinto enciphisa ukubonakala kwabo emhlabeni.

“Sinabadlali bebhola besifazane abanekhono, kodwa abayi ndawo ngenxa yamathuba amancane,” kuqhuba yena.

UMkhonza uthe wabona ithalente likaRethabile ngesikhathi eneminyana eyishumi edlalela iMish Football Club yaseDuduza.

“Ngaleso sikhathi, sasibona sengathi usemncane kakhulu ukuthi angajoyina iqembu lethu njengoba sidlala ku-Sasol League, kodwa samumema ukuthi eze ezivivinyweni ngesikhathi eseneminyaka engu-12.

“Ungumdlali omncane kunabo bonke kwiligi ye-Sasol, kodwa ubuhlakani bakhe nokuphatha kahle ibhola enkundleni kuyamangaza. Wazalwa enalo ithalente, umsebenzi wethu bekuwukumqeqesha kuphela futhi simkhuthaze ukuthi enze kahle kwezemidlalo,” esho.

Iqembu labaneminyaka engaphansi kwengu-15 lidlale imidlalo engu-17 ngesizini edlule, lapho uRethabile ashaye khona amagoli angu-13. Kule sizini sebedlale imidlalo eyisikhombisa kanti useshaye amagoli amahlanu.

Abawinile bazohamba nemali engu-$300,000 yemiklomelo; abaphume isibili bazothola u-$200,000; nabathole izindondo zethusi bazothola u-$150,000 ngosizo lwe-CAF ngokubambisana neMotsepe Foundation.

Esithombeni esingenhla: URethabile Molefe.

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva