Umqeqeshi uJose Mourinho uncoma owayengumdlali wakhe uBenni McCarthy

Dylan Bettencourt

Umqeqeshi we-Tottenham uJose Mourinho uncome uBenni McCarthy ku-Instagram ngemuva kokuthi umphathi waMaZulu enqobe isicoco somqeqeshi ovelele wenyanga esiphuma kuyo.

“Umdlali wami manje ungumqeqeshi wenyanga!” kujabule uMourinho.

UMcCarthy, obedlalela i-FC Porto ngaphansi kukaMourinho, uklonyeliswe njengomqeqeshi we-Premier Soccer League ovelele enyangeni kaMasingana /Nhlolanja.

UMcCarthy uzokujabulela ukuthi lowo owayengumqeqeshi wakhe umqaphe ngeso lokhozi njengoba umsebenzi wakhe uqhubeka.

UMcCarthy uthathe izintambo mhla ziyi-14 kuZibandlela kanti manje iqembu lakhe lilwela ukuthi liphume phambili kunombolo yesine kwi-DStv Premiership. AmaZulu anamaphuzu angama-31 ngemuva kwemidlalo eyi-19 futhi angalingana nawe-SuperSport United endaweni yesine.

Usuthu luthole ukunqoba okuhehayo ekuhambeni ludlala ne-Chippa United emdlalweni wabo wokugcina, lwandisa isibalo semidlalo lingahlulwa saba yimidlalo eyisishiyagalolunye. Ngesizini edlule baqede endaweni ye-13.

Ukunqoba imidlalo eyisikhombisa, nemine ephela ngokulingana nokuhlulwa kabili kuphela, abalandeli bazokuthokozela ukuqala okwenziwa uMcCarthy.

AmaZulu ahamba phambili ohlwini lwamafomu, kubhekwe emidlalweni eyisithupha edlule, anqobe eyisihlanu adlala ngokulingana owodwa, ashaya amagoli ayishumi ayesekorwa amahlanu.

UMcCarthy nabafana bakhe bakwenza kucace bha ukuthi bazimisele ngaphansi kwabaphathi abasha.

Olandelayo ohlangothini lwaseThekwini kwi-DStv Premiership i-Tshakhuma Madzivhadila ngomhla zingama-21 kuNdasa ngemuva kwekhefu lomhlaba.

Umthombo wesithombe: @SowetanLive

Izihloko zakamuva