Umqeqeshi uchitha amahlebezi okushiya iqembu lakhe 

Lubhalwe nguMichael Madyira

Umqeqeshi weMamelodi Sundowns uRhulani Mokwena uwachithile amahlebezi amhlanganisa namaqembu amabili ase-North Africa.

Muva nje kuvele imibiko eveza ukuthi uMokwena ufunwa uthuli e-North Africa ngemuva kokugila izimanga kweSundowns kwi-Premier Soccer League nakwi-CAF Champions League.

Kubikwa ukuthi ompetha base-Afrika amahlandla ayishumi i-Al Ahly kanye neqembu lase-Morocco i-Wydad Casablanca bafuna umqeqeshi osemusha weSundowns.

Lo mqeqeshi (36) uwachithile la mahlebezi ngesikhathi ethembisa ukwethembeka kwiSundowns.

“Ngilapha futhi ngifuna ukuba lapha ngokusemandleni ami njengoba iqembu lingifuna. Angiyindawo,” kusho uMokwena kwabezindaba.

“Ngethembekile, ngizama ukwethembeka ngokwedlulele empilweni yami ​​yansuku zonke. Ngiyazama ukusebenzela leli qembu futhi inqobo nje uma lingithanda futhi likhombisa ukuthi lisangifuna lapha. IMamelodi Sundowns ikwenzile lokho selokhu ngathatha izintambo.”

Lowo owake waba umphathi kaMokwena uPitso Mosimane, kusenguye yedwa umqeqeshi wakuleli oke waqeqesha e-North Africa ngesikhathi amukela ukusebenza kwi-Al Ahly ngaphambi kokuwina isicoco.

UMosimane walaxaza iSundowns ngesikhathi ibheke kwisizini ka-2020/21 esanda kuphothula izivumelwano zokufuduka kwabadlali.

Kodwa uMokwena uthi akukho okumgqugquzelayo ukuthi agxume ashiye iqembu elamkhuphulela esikhundleni sokuba umqeqeshi ophezulu ngoMfumfu nyakanye.

“Baye bangeseka banginika konke. Anginaso isizathu sokuyifulathela iDonws,” usho kanje.

Akukhona okokuqala ukuthi iqembu lase-Morocco i-Wydad limataniswe nomqeqeshi wakuleli njengoba phambilini kuke kwabikwa ukuthi ligaqele uMosimane.

Esithombeni esingenhla: URhulani Mokwena

Umthombo wesithombe: Mamelodi Sundowns

Izihloko zakamuva