Lubhalwe nguMichael Madyira
Umqeqeshi weBafana Bafana uHugo Broos usephumele obala ngamahlebezi okuthi uyashiya esikhundleni sakhe njengomqeqeshi weBafana Bafana.
Ngemuva kokuthi iBafana Bafana idlale ngokulingana (2-2) ne-Liberia emdlalweni wokuhlungela i-Africa Cup of Nations ka-2023 enkundleni yase-Orlando ngoLwesihlanu, eminye imibiko iveze ukuthi kungase kube ukuphela kwendlela yalomqeqeshi wase-Belgium.
Lo mqeqeshi oneminyaka engu-70 ubudala wabhebhethekisa amahlebezi ngokuchitha isithangami sabezindaba ngemuva komdlalo futhi wanikeza isitatimende esifushane esikhombise ikusasa elifiphele.
Kodwa usephumele obala wacacisa ngekusasa lakhe neBafana waphinde waziphika izinsolo zokuthi angase afulathele leli qembu ngemuva kokuphoxeka bebhekene ne-Liberia.
“Yebo ngithi angikucacise lokhu ngisakholelwa eqenjini futhi ngifuna ukuya nalo ku-Afcon ngonyaka ozayo e-Côte d’Ivoire,” kusho uBroos.
“Ngakho-ke, akukho engikungabazayo ngeqembu ngizophinde ngenze konke okusemandleni ukuze sinqobe ngoLwesibili futhi siphinde singene ku-Afcon ngoMasingana ngonyaka ozayo. Akumele abantu bangabaze uthando enginalo ngaleli qembu.”
NgoLwesihlanu, uBroos obedangele wenqabile ukukhuluma nabezindaba kodwa wahudulelwa kumaphephandaba ngemuva komdlalo.
Ube esenikeza isitatimende esifishane ephakamisa ukuthi abadlali yibona okumele basolwe ngokudlala ngokulingana ne-Liberia.
Kodwa njengamanje useshintshile futhi usekhethe ukuvikela abadlali bakhe njengoba efuna ukufaka ukuzethemba kubo ngaphambi komdlalo ozoba ngoLwesibili e-Monrovia.
“Ngicabanga ukuthi okubaluleke kakhulu manje ukuthi abadlali bayazi ukuthi ngisakholelwa kubo,” kusho lo mqeqeshi owanqoba i-Afcon ka-2017.
“Akumele bazitshele ukuthi njengoba bengikhungathekile, ngithukuthele futhi ngiphoxekile, angikholelwa eqenjini okumele bakwazi ukuthi ngiyakholelwa eqenjini kakhulu.”
“Ngiyazi ukuthi sinabadlali abazimisele kakhulu futhi ngiyazi ukuthi leli qembu liyakwazi ukungena ku-Afcon. Ngakho ngicabanga ukuthi yilokho abakulindele manje, ukubona umqeqeshi osakholelwa kubo.”
Ukuhlulwa kweBafana ngoLwesibili kuzowaqeda amathemba okungena kweyokuhlungela i-Afcon, kodwa ukunqoba kuzoyidlulisela e-Ivory Coast.
Ukudlala ngokulingana kuzobashiya namathuba amancane ngaphambi komdlalo wabo wokugcina ku-Group K ne-Morocco.
Isithombe esingenhla: Umqeqeshi uBroos neBafana Bafana bebheke e-Liberia
Umthombo wesithombe: IBafana Bafana