Lubhalwe nguLinda Ximba
Umdlali webhola lezinyawo wase-Venda usabela impilo yakhe ngemuva kokuthi umqeqeshi wakhe amhlukumeze, amthumbe aphinde amkhombe ngesibhamu.
Esitatimendeni asenze esiteshini samaphoyisa e-Vuwani, uBono “Lovers” Mudau uthe lo mqeqeshi nomuntu okusolakala ukuthi ubehambisana naye bebephikisana ngokuthi bambulale khona lapho yini noma bamyise ndawana thize ukuze baqede ngaye.
Umqeqeshi uLucky “King Muchinchwa” Nelukau umiswe iqembu labo iTshakhuma Tsha Madzivhandila (TTM) ngemuva kwalesi sigameko ngoLwesihlanu olwedlule. I-TTM ezinze e-Thohoyandou idlala esigabeni sesibili kwi-GladAfrica Championship.
Lo mqeqeshi uboshiwe wavela eNkantolo yeMantshi yase-Vuwani ngoMsombuluko ngecala lokukhomba umuntu ngesibhamu, elokuthumba kanye nelokushaya. Namanje usasesitokisini.
Akucaci ukuthi kungani lo mqeqeshi eshaye lo mdlali.
Kuthiwa lesi sigameko senzeke e-Limpopo kubuka abantu abebesaba ukulamula. Kubikwa ukuthi uNelukau ushaye lo mdlali ngesibhamu ebusweni waphinde wamshaya ngensimbi yegalofu kanye nenduku yokhuni.
Esitatimendeni sikaMudau asenze esiteshini samaphoyisa e-Vuwani ubhale ukuthi ubesendleleni ebheke ekhaya ngesikhathi emiswa.
“Umqeqeshi uLucky Nelukau uphume evenini abeligibele wakhipha isibhamu wangikhomba ngaso,” esho esitatimendeni.
“Owesilisa obeshayela imoto naye uphume emotweni wangikhomba ngesibhamu. Laba ababili baphikisane ngokuthi bangibulale khona lapho yini noma bangiyise kwenye indawo ukuze baqede ngami,” kufundeka isitatimende.
UMudau uphuthunyiswe esibhedlela sase-Tshilidzini ngemuva kokulimala kanzima.
Okhulumela amaphoyisa uSayitsheni Vuledzani Dathi uthe umsolwa uboshwe ngomhlaka-20 kuMasingana wavela eNkantolo yeMantshi yase-Vuwani ngoMsombuluko ngomhlaka-23 kuMasingana.
I-TTM isikhiphe isitatimende esiqinisekisa ukuthi uNelakau umisiwe emsebenzini.
“UMnu Nelakau umisiwe njengomqeqeshi weTshakuma Tsha Madzivhandila FC njengoba kusaqhubeka uphenyo mayelana nodaba lwakhe oluthinta yena namaphoyisa akuleli,” kusho isitatimende seqembu.
Emhlabeni webhola uNelakau waziwa ngezingubo ezigqamile zamasosha avame ukuzigqoka ngaphandle kwenkundla.
Isithunzi sakhe singase singcole uma i-TTM ne-PSL zimbeka icala lokungaziphathi kahle ngokufaka lo mdlali ehlazweni.
Esithombeni esingenhla: Umqeqeshi we-TTM uLucky Nelakau
Umthombo wesithombe: TimesLive