Lubhalwe nguRazeen Gutta
Umqeqeshi we-Jwaneng Galaxy uMorena Ramoreboli unqume ukusala emuva ukuze aqophe umlando e-Botswana yize ezwe izindaba zokuthi umama wakhe udlulile emhlabeni ekhaya.
URamoreboli ubezama ukuwina isicoco sakhe sesibili seligi kulandelana futhi ubephakathi nomqhudelwano we-Orange FA Cup ngesikhathi ethola izindaba zokushona kukamama wakhe.
Isinqumo somqeqeshi (43) sokusala e-Botswana bese ezila ngemuva kwalokho yisona abona sengathi unina ubezosifuna.
“Besisalelwe imidlalo emibili ngesikhathi ngithola izindaba zokudlula emhlabeni kukamama. Kudingeke ukuthi ngihlale njengoba bekufanele sizilungiselele. Angikwazanga ukuvele ngihambe. Uma uNkulunkulu esinika amandla okubhekana nezinto ezithile, kufanele sibonge,” kusho uRamoreboli odangele etshela i-FARPost.
Ezizwa ekhuthazwa ukusekwa umama wakhe eminyakeni edlule, uRamoreboli utholele i-Galaxy iligi nendebe kabili futhi uyazi ukuthi umama wakhe ubezoziqhenya ngaye.
“Ngicabanga ukuthi ngaba nenhlanhla ngokuzalelwa emndenini webhola. Umama ubethanda ibhola. Sazidela ngenxa yalo mdlalo. Ngeke uzinikele uma ungenawo umdlandla futhi ungakulungele ukuthatha elinye igxathu,” usho kanje.
“Ukube umama uyaphila ubezofuna ngisebenze ngizuze izinto ezinkulu. Ubekhethekile kimina.”
Ekhuluma ngekusasa lakhe, uRamoreboli uthe ukubuyela kuleli kanye naku-PSL kungase kube sezinhlelweni zakhe ngokuhamba kwesikhathi.
Kodwa-ke, okwamanje ugxile ekuqiniseni isikwati se-Galaxy nokuyihola ize ifinyelele ku-Caf Champions League.
Esithombeni esingenhla: UMorena Ramoreboli
Umthombo wesithombe: @boromo_m
