Umqeqeshi omusha we-Chiefs waziwa ngokungahlali emsebenzini wakhe

Lubhalwe nguMichael Madyira

IKaizer Chiefs noNasreddine Nabi bavumelene ngemibandela yokuthi athathe izintambo zokuphatha Amakhosi.

Lokhu ukufika emaphethelweni ukuthungathwa kozovala isikhala sikaMolefi Ntseki njengomqeqeshi. Lo mqeqeshi wase-Tunisia kulindeleke ukuthi afike namalungu amathathu azosebenzisana nawo.

Ukuqashwa kukaNabi njengomqeqeshi weChiefs kulandelane eduze njengoba eqede ukubamba ku-FAR Rabat yase-Morocco.

Ngemuva kokuthatha i-FAR Rabat ukuthi iqede iligi ye-Moroccan Botola njengabesibili kompetha i-Raja Casablanca, bazodlala ne-Maghreb Fez emqhudelwaneni owandulela owamanqamu we-Throne Cup ngeSonto.

“Njengamanje ngigxile emdlalweni engizowudlala ne-Maghreb Fez,” kusho uNabi etshela abezindaba base-Morocco.

“Ngizamile ukukhulisa umdlandla kubadlali ngabatshela ukuthi lisekhona ithuba lokuwina i-Trone Cup.”

Kube yinto encomekayo kumasizini amabili edlule kuNabi, owaphinde wahola i-Young Africans kowamanqamu we-CAF Confederation Cup ngesikhathi sika-2022-23.

Lokho kuyihlabe umxhwele iChiefs obekumele imthenge enkontilekeni yakhe ebisalelwe yisizini.

Lo mqeqeshi oneminyaka engu-58, useke wasebenza e-Libya e-Al Ahli Benghazi, e-Sudan kwi-Al Hilal kanye nase-Egypt kwi-Ismaily.

Uke waqeqesha futhi ku-Pont Donnaz Hone Arnad yase-Italy eyizimfundamakhwela kanye ne-Al Merreikh yase-Sudan.

Okuxakayo ukuthi uNabi akakaze aqeqeshe iqembu kumaligi aphezulu ezweni lakubo lase-Tunisia.

Yize i-CV yakhe ihlaba umxhwele, ikakhulukazi uma kubhekwa indlela adlale ngayo kula masizini asanda kwedlula, enqoba iligi yase-Tanzania nama-Young Africans, umsebenzi awenza e-FAR Rabat, okunye okungase kukhathaze abalandeli bamaKhosi.

UNabi akavamile ukuhlala isikhathi eside emsebenzini wakhe. Emaqenjini amaningi abesebenza kuwona, ubejwayele ukuba ngumqeqeshi wesizini eyodwa.

Isikhathi sakhe eside kunazo zonke kwakuyizinyanga ezingu-26 azichitha e-Young Africans, futhi isikhathi sakhe esifushane kwakuyizinsuku ezingu-22 azichitha e-Ismaily.

“Isicelo saseNingizimu Afrika bekungesona sodwa. Ngithole izithembiso eziningi,” kusho uNabi, eqinisekisa ukuthi uyindoda efunwayo.

Leyo nkulumo ingase ikhathaze abalandeli beChiefs, njengoba uNabi engalahla kalula lezi zinkunzi zaseSoweto adlulele kwelinye iqembu ngokuphazima kweso.

Osesithombeni esingenhla: uNasreddine Nabi.

Umthombo: CAF

Izihloko zakamuva