Umqeqeshi omusha  kuma-Wallabies

Lubhalwe nguLucky Maree

Njengoba owayengumqeqeshi we-England, u-Eddie Jones wase-Australia engenamsebenzi kanye nomdlali wase-New Zealand uDave Rennie edonsa kanzima njengomqeqeshi wama-Wallabies, ingabe kuyamangaza ukuthi uRennie  ukhishwe esikhundleni ngemuva kwalokho u-Eddie Jones wanikezwa umsebenzi?

UJones waqeqesha ama-Wallabies kusukela ngo-2001 kuya ku-2005. Wawabeka kowamanqamu eNdebe yoMhlaba ka-2003 ngesikhathi ehlulwa iqembu lase-England elingcono kakhulu kanti uMartin Johns uyena owayengukaputeni weqembu.

UDave Rennie uthathe izintambo kuMichael Cheika ekupheleni kuka-2019. Ukuxoshwa kwakhe kuvela ezinyangeni eziyisishiyagalombili nje ephumile embukisweni womhlaba. I-Australia iwine imidlalo emihlanu kuphela kuma-test angu-14 nyakenye.

Kuke kwaba nezinkulumo zokuthi uJones uzolethwa eqenjini lama-Wallabies nakuba bekuqagelwa ngendima azoyidlala. Amahemuhemu okuthi uRennie noJones bazosebenzisana achithwe uRennie ngeledlule.

“Ngeke kwenzeke lokho,” kusho uRennie.

Abaqeqeshi abaningi banosuku lokuthengisa abadlali futhi u-Eddie Jones unamandla okwenza iqembu libe sesimweni sokuncintisana ngokushesha.

I-Australia inabadlali abahamba phambili emhlabeni osekunesikhathi eside bengenzi kahle futhi abalambele impumelelo. Akuyena uJones kuphela okungenzeka ukuthi ungumuntu ofanele ukubaxosha, kodwa njengoba kusasele izinyanga eziyisishiyagalombili ngaphambi kweNdebe yoMhlaba kungase kube isikhathi esifanele.

Khonamanjalo i-France okuyizwe elizinzile kuze kube imanje njengoba libhekene nezivunguvungu zokuya kwiNdebe yoMhlaba, ike yakhungathwa inkohlakalo ethinta uMengameli we-French Rugby Federation uBernard Laporte.

Uthole isigwebo esilengisiwe seminyaka emibili ngamacala enkohlakalo kusasele izinyanga eziyisishiyagalolunye ngaphambi kokuthi i-France isingathe iNdebe yoMhlaba.

Kubukeka sengathi uLaporte wanikeza inkontileka yokuxhasa iqembu lesizwe lase-France uMohed Altrad usozimali wompetha be-Top 14 kwi-Montpellier.

Isithombe esingenhla: U-Eddie Jones esusa uDave Rennie endleleni

Umthombo wesithombe: Andy Rain / EPA

Izihloko zakamuva