Umqeqeshi odumile uvinjelwe kowe-World Championships

Dylan Bettencourt

Umqeqeshi odumile waseMelika we-sprint ophenywa ngokungaziphathi kahle ngokocansi ngoMgqibelo uxwayiswe ukuthi ashiye indawo ye-World Athletics Championships noma uzoboshwa.

URana Reider uzame ukungena endaweni yokuzifudumeza yabasubathi ngaphandle kokuthola imvume efanele.

UReider uqeqesha umsubathi waseBrithani u-Adam Gemili kulo mqhudelwano kanti uvinjelwe ngesikhathi efaka isicelo esisemthethweni sokuqeqesha.

Imibiko iveze ukuthi lo mqeqeshi uzame ukuthola lesi sitifiketi kwelinye izwe kodwa wavinjilwa i-World Athletics.

Ngesikhathi uReider ebonakala endaweni ebekelwe imingcele ucelwe ngabasebenzi balo mqhudelwano ukuthi aphume, nokuyinto aqale wanqaba ukuyenza kwaze kwafika amaphoyisa.

Lo mqeqeshi uphinde wamiswa ngamaphoyisa ngaphandle kwendawo abe esemxayisa ukuba angangeni ngaphakathi.

“Onogada bomqhudelwano bathole umuntu ongagunyaziwe endaweni yabasubathi yokuzifudumeza. Ucelwe ukuthi aphume, wenqaba,” kusho isitatimende se-World Athletics esibhalele i-The Times.

“Amaphoyisa abikelwe ngokushesha abe esefika amkhipha endaweni. Ngesikhathi ebona amaphoyisa eza ngakuye uye waphuma kule ndawo.

Amaphoyisa amvimbe ngaphandle kwendawo ebekuqhudelanwa kuyona amtshela ukuthi uma engabuya uzoboshwa ngokungena ngokungemthetho.

NgoLwezi odlule kwavezwa ukuthi uReider uphenywa i-US Center for SafeSport kulandela izinsolo zokuziphatha kabi ngokocansi.

Abaphathi be-British Athletics bazise noma yimuphi umsubathi obeqeqeshwa nguye ukuthi bathole omunye umqeqeshi noma babe engcupheni yokukhishwa ohlelweni lokuxhasa lwe-elite.

Ummeli kaReider wake wadulula ukuthi lezi zinsolo aziqinisekisiwe futhi azihloliwe.

Umthombo wesithombe: @TheTimes

Izihloko zakamuva