Umqeqeshi akeneme ngesisindo sikaZungu

Michael Madyira

Umqeqeshi weMamelodi Sundowns uRhulani Mokwena usigxekile isisindo somdlali wasesiswini uBongani Zungu.

Lo mdlali ohlanganise iminyaka engu-30 ngeSonto uphuthelwe isikhathi sokuqala kwesizini waqala ukuzilolonga naMasandawana ngasekupheleni kukaNtulikazi ngaphambi kokuthi esayine kuwona ngenyanga elandelayo.

Lokhu kwakungemuva kokuthi egcine ukubonakala emdlalweni wokuqhudelana ngoMbasa eqenjini lase-France Ligue 2 i-Amiens SC.

Yize kulindeleke ukuthi lo mdlali ahlangabezane nezinga lokuziqeqesha kozakwabo uMokwena akeneme ngendlela uZungu enza ngayo ngokusebenza nomqeqeshi womzimba.

“UBongani Zungu ungumuntu omangalisayo, kodwa asijabule ngenqubekela phambili yakhe uyazi futhi naye,” kusho uMokwena kwabezindaba.

“Uyazi ukuthi angenza okwengeziwe ngakho angesabi ukukusho lapha ngoba naye ngimtshelile mathupha.”

Uthe umqeqeshi womzimba uyamsiza.

“Kodwa akulula uma ubheka ukuthi uBongani ubekuphi kula masizini amabili edlule bekunzima kakhulu kuyena,” kusho uMokwena.

Uthe indaba yokwehla kwesisindo ihluke ngokuphelele.

“Kunzima kakhulu ukubeka isikhathi kukho, kodwa ukwehla kwesibalo samakhilogremu kuyinkomba yomsebenzi omuhle awenzile yena kanye nethimba elilungisa isimo.”

Esayina kwi-Sundowns ngoNcwaba uZungu ubebuyela eqenjini alishiye ngo-2016 eyodlala e-Portugal, e-France nase-Scotland njengoba ubegijima kuma-Rangers ngaphansi kukaSteven Gerrard we-Liverpool. 

Kuze kube manje usedlale imidlalo emithathu kuyona yonke imiqhudelwano kanti uqala ebhentshini kuyona yonke leyo midlalo.

Yize uMokwena ekhathazekile ngesisindo somdlali wasesiswini ukhethe okuhle kulo mdlali.

“UBongs usazimisele kulolu hlelo futhi nginesiqiniseko sokuthi sisazobona okuningi kuye. Uzoqhubeka nokusebenza kanzima futhi ungumdlali webhola okhaliphile,” kusho uMokwena.

“Yilokho okumenze waya e-Europe ngakho-ke akusikhathazi maduze uzobe esesimeni esihle kakhulu.”

Ukudlala imizuzu engu-37 ne-La Passe emdlalweni womzuliswano wokuqala we-Champions League  ngempelasonto edlule kube imizuzu eminingi uZungu aseyijabulele kuze kube imanje kule sizini.

Abaqeqeshi be-Sundowns bamqaphile  kanti angase abonakale emdlalweni womlenze wesibili abazowudlala ne-La Passe ngoLwesihlanu.

Isithombe esingenhla ngesikaBongani Zungu

Umthombo wesithombe: 

@BonganiZungu08

Izihloko zakamuva