Buziwe Nocuze
Umama wephoyisa laseKapa elibulewe uthi uphatheke kabi futhi uthukuthele ngephoyisa ebelizama ukuzibulala emngcwabeni wendodana yakhe.
UMiranda Heynes ubengcwaba indodana yakhe u-Alessandro Heynes ngoMgqibelo ngesikhathi ovikela icukuthwane ezidubula ngaphandle kwebandla obekunenkonzo yomngcwabo kulo.
U-Alessandro (23), udutshulwe ekhanda emasontweni amabili edlule ngesikhathi eshayela ehlisa umuntu emcimbini wokuvalelisa obenza umatikuletsheni.
Kuboshwe ibungu lathweswa icala lokumbulala.
“Angizange ngizwe ngesikhathi isibhamu siqhuma ngoba bengingaphakathi ebandleni. Ngize ngaziswa ngalesi sigameko ngokuhamba kwesikhathi,” kusho uMiranda.
Iphoyisa uWarrant Officer Siyabonga Mngcongo (44), ubehambele umngcwabo njengomvikeli kaReagan Allen, onguNgqongqoshe wezokuPhepha koMphakathi nokubhekwa kwamaphoyisa e-Western Cape.
UMiranda uthe akaqondi ukuthi kungani uMngcongo ethathe isinqumo sokuzama ukuqeda ngempilo yakhe emngcwabeni wendodana yakhe.
“Bekuwubugovu ukuzama ukuzibulala emngcwabeni wendodana yami. Indodana yami ibulewe futhi bekufanele ivaleliswe ngesizotha,” esho.
“Abantu bayakhuluma ngosizi olwenzeke lapho, ngiyafisa ukwazi ukuthi yini emenze wathatha leso sinqumo, kodwa noma ngabe isiphi isizathu kube ubugovu ngoba lesi sigameko siyohlezi simataniswa nomngcwabo wendodana yami.
Okhulumela amaphoyisa kazwelonke uLieutenant Colonel Robert Netshiunda uthe amaphoyisa ayaphenya ngalesi sigameko. “Iphoyisa belijutshwe ukuvikela uNgqongqoshe kuHulumeni wase-Western Cape kanti belisemsebenzini ngesikhathi kwenzeka lesi sigameko.”
Ebuzwa ukuthi ngabe umvikeli uzidubule ngephutha noma ubekwenza ngenhloso yini, impendulo yakhe ithe: “Bekusobala ukuthi uyazibulala, futhi kubikwa ukuthi uvele waphuma ngaphandle ebandleni wazidubula.”
UReagen Allen uthe ulimale kakhulu ngokwenzekile futhi ufisela leli phoyisa ukuthi lilulame ngokushesha. “Ngiyethemba ukuthi sizokwazi ukuthola umnyombo wokuthi kungani lokhu kwenzekile,” esho
UMngcongo usesimweni esibucayi esibhedlela.
Isithombe esingenhla: UMiranda Heynes (55).