Umprofethi nokulahlekelwa

Umprofethi obalekile uShepherd Bushiri utshele abalandeli bakhe ukuthi uzimisele ukulahlekelwa yimpahla yakhe yezigidi zamarandi eNingizimu Afrika.

“Ngiyajabula ukuthi angilahlekelwanga yimpilo yami.”

Ejabule njengesihlabani se-popstar, uBushiri utshele abalandeli bakhe ukuthi ucishe wabulawa e-Sandton.

Kwividiyo ethunyelwe kwabakwa-Scrolla.Africa ngomunye wabalandeli bakhe base-Malawi, usozigidi lo utshele isixuku esikhulu sabantu ngemuva kokuphuma kwakhe ejele ukuthi uyabona ukuthi uzobhekana necala elingalungile eNingizimu Afrika.

“Ngavula amacala ngaphambi kokuboshwa kwami mayelana namaphoyisa amahlanu kodwa akekho ophawula ngalokho,” uyasho.

“Amacala engiwavulele la maphoyisa akhohlakele angamacala abucayi ebenginethemba lokuthi kuzobhekwa ubulungiswa kuwo.”

Uthe ubecabanga ukuthi ubulungiswa buzokwenziwa ngazo zombili izinxenye.

“Uma ngiboshelwe ukwenza kabi, kungani amaphoyisa engiwavulele amacala engakaboshwa?” Uyabuza.

Kube nokujabula okukhulu lapho ethi: “Ilungelo lami lokuphila lingcono kunanoma iyiphi impahla emhlabeni.”

Ukuthi lo mprofethi ongundabuzekwayo nomkakhe uMary bakwaze kanjani ukuphuma eNingizimu Afrika ngemuva kokunikezwa ibheyili yemali eyizi-R200,000 umuntu emunye, namanje akukadalulwa. UBushiri uboshwe e-Malawi ngoLwesithathu wadedelwa ngoLwesine ntambama.

Ividiyo: @psbushiri