Everson Luhanga
Umkhuleko owenziwe umfundisi uPaseka Motsoenengi – odume ngelikaMprofethi uMboro – uphenduke waba mubi ngesikhathi umfundisi nabalandeli bakhe beqala ukuhlukumeza abantu bendawo.
Umkhulu (68) obizwa ngoBuxton Xoli Mtekwana uthe ushaywe yiqulu labantu ngemuva kokuthi litheleke emgwaqeni wangakubo e-Vosloorus e-Ekurhuleni ngeSonto lizokhulekela “amagundane aculayo”.
UMtekwana uthe ushaywe wasala enemihuzuko emzimbeni -okuyinto eyenziwe ngamakholwa.
“Ngidonswe ngemuva ngesikhathi ngikhuluma noMboro,” esho.
“Ngithe ngingazelele ngahudulelwa phansi baqala ukungishaya. Nabantu abangangazi bajoyine ngokungishaya. Ngesikhathi bengishaya, bengithandazela ukuthi bengangibulali.”
UMtekwana uphuthunyiswe emtholampilo ngeSonto ebusuku lapho athole khona usizo lwezempilo. NgoMsombuluko uvulele uMboro icala lokushaya esiteshini samaphoyisa e-Vosloorus.
Uthe ngesikhathi esesiteshini amaphoyisa amtshele ukuthi kunamacala afana nelakhe abhaliswe kulesi siteshi avulelwe lo Mprofethi.
UMtekwana uthe ngesikhathi uMprofethi nabalandeli bakhe befika emgwaqeni wangakubo ngeSonto, basole abantu abahlala kulo mgwaqo ngobuthakathi.
“Ukhanyise amakhandlela waqala ukukhuleka. Bekunezipikha ezidlalela umculo phezulu ngesikhathi eshumayela.”
Lo Mprofethi ubengaqali ukuvakasha kule ndawo. UNksz Beatrice Mashika uthe indodana yakhe esebenza njengommeli ihlukunyezwe ngoMgqibelo ngesikhathi umfundisi nabalandeli bakhe befika emgwaqeni bezokhuleka.
Uthe indodana yakhe izame ukucela umfundisi ukuthi ehlise umsindo.
Impendulo ayitholile: “Ukuphushwa ngesidunu sesibhamu,” esho.
Ekhuluma ne-Scrolla.Africa uMprofethi uMboro uthe ubeyokhuleka kulo mgwaqo ngoba kuyathakathwa.
“Kunamagundane amakhulu aculayo kuleya ndawo. Amagundane abanga umsindo ongajwayelekile ezindlini zabantu bakule ndawo kanti kudingeke ukuthi sikhuleke ukuze kuphele lokho,” esho.
UMboro usole izakhamizi ngokuqala impi ngeSonto.
“Ngeke ngikwazi ukukhomba ukuthi ngubani oqale impi. Kodwa kusuke umsindo ngezwa kuthiwa kukhona abalimele,” esho.
UMboro uke waba sematheni emhlabeni wonke ngemikhuba yakhe esuse umsindo kusukela kweyinhlekisa kuya kwethusayo.
Wahlekwa kakhulu ngokudayisa izithombe azishuthe zona athi zathwetshulwa ezulwini, waphoxeka ngezinsolo zokunukubeza ngokocansi intombazane ethi wenza “isimangaliso”.
Amaphoyisa akuqinisekisile ukuthi aphenya icala lokushaya.