Umprofethi mbumbulu wakuFacebook ugwetshwe udilikajele

Lubhalwe nguNdivhuwo Mukwevho

UMukovhe Vincent Makhavhu ugwetshwe udilikajele iNkantolo eNkulu yase-Thohoyandou e-Limpopo.

UMakhavhu (34) ulahlwe amacala amane okudlwengula nelilodwa lokugebenga.

UMakhavhu usebenzise i-akhawunti yomgunyathi yaku-Facebook ngaphansi kwegama elithi-“Elma Mutavhatsindi” ukuze akhohlise abagilwa bakhe.

Wazenza umprofethi, ethi angavikela abantu ekuthakathweni aphinde abakhulule eziqalekisweni. NgoMbasa, utholwe enamacala amaningi, okuhlanganisa awokudlwengula amane, ukuhlukumeza ngokocansi kanye nokubamba inkunzi.

Ngesikhathi ekhipha isigwebo iJaji uThogomelani Tshidada uthe uMakhavhu akabahloniphi abantu besifazane ngakho kumele asuswe emphakathini.

Ezinkundleni zokuxhumana uMakhavhu wenze izinkulumo ezingenangqondo ngamakhono akhe. Esebenzisa igama mbumbulu, uthembise izikhathi zomkhuleko zamahhala kubantu abadinga usizo ngokuthola umsebenzi, izinkinga zomshado, ukusindiswa kanye nokuhlanzwa.

Lezi zigameko zokudlwengula zenzeke ezindaweni ezahlukene njengasemfuleni i-Muttshundudi kanye nesesigodini sasePhiphidi, eduze kwase-Thohoyandou.

I-akhawunti mbumbulu kaMakhavhu yaku-Facebook eyenziwa ngoNhlolanja ngo-2021, ibinabalandeli abangaphezu kuka-100,000 kanti abaningi babo bebelangazelela usizo lomoya.

Ngesikhathi uMakhavhu ethola ukuthi amaphoyisa ayamfuna, wacasha amasonto ambalwa.

Inhlanhla yakhe yaphela ngesikhathi eye enyangeni e-Vhembe eyocela amandla okuthi amacala akhe ashabalale. Kodwa inyanga, ngokwazi ukuthi amaphoyisa ayamfuna, yawabikela nokuyinto eyaholela ekuboshweni kwakhe.

Omunye ongumgilwa, uGladys Mashathini* wasesigodini sase-Phiphidi, utshele i-Scrolla.Africa ukuthi wakhuluma noMakhavhu ku-Facebook, ekholelwa ekutheni angamsiza ukuthi athole umsebenzi.

“Nginenhlanhla yokuthi akazange angidlwengule,” kusho yena.

Bahlela ukuhlangana, kodwa wahoxa ngesikhathi sekusele kancane ukuthi bahlangane emfuleni, lapho athi wayezoyogeza khona amabhadi akhe ngamanzi angcwele.

Emasontweni amathathu kamuva, uMashathini* wezwa emsakazweni ukuthi uMakhavhu uboshelwe ukudlwengula nokubamba inkunzi.

Esinye isisulu esingathandanga ukudalulwa igama, sithe sikhululekile njengoba uMakhavhu egwetshwe udilikajele kodwa sisadonsa kanzima.

“Ngiyajabula ukuthi uzohlala ejele impilo yakhe yonke, kodwa izibazi azishiyile zizohlala kimi kuze kube phakade. Angicabangi ukuthi ngiyoke ngimxolele,” kubalisa umgilwa.

*Igama lishintshiwe.

Esithombeni esingenhla: Umdlwenguli waku-Facebook uMukovhe Makhavhu.

Isithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva