Umprepha waseMelika nochungechunge lomdlalo ngeqola laseNigeria

Lubhalwe nguQueenEsther Iroanusi

Umrepha waseMelika u50 Cent umemezele izinhlelo zokukhipha uchungechunge lo mdlalo olususelwa kwisigebengu sase-Nigeria uRamon Abass owaziwa kakhulu ngelikaHushpuppi.

Umrepha wabelane ngezithombe zika-Abass owaziwayo ekhasini lakhe le-Instagram futhi wabhala ukuthi: “Kulaba abangiqola kufanele ngiwenze lo mdlalo owuchungechunge kaHushpuppi ozovela maduze! Le i-GreenLightGang (GLG) angiphuthelwa.”

UHushpuppi waboshwa e-Dubai ngoNhlangulana ngo-2020 ngokuqola abantu baseMelika abangaphezu kuka-1.9 million. Waphindiselwa eMelika ukuze ayoquliswa icala ngoNtulikazi ngo-2020.

NgoMsombuluko iNkantolo yesifunda yaseMelika esifundeni esimaphakathi nase-California igwebe uHushpuppi iminyaka engu-11 nezinyanga ezintathu ngemuva kokutholakala necala lokukhwabanisa.

Isimemezelo sika50 Cent ngesesibili njengoba umdidiyeli wefilimu waseMelika wakhombisa intshisekelo yokushutha ifilimu emayelana nokukhwabanisa kukaHushpuppi ku-inthanethi.

NgoNcwaba nyakenye i-EbonyLife Studios inkampani ekhiqizayo yase-Nigeria ephethwe usomabhizinisi wezindaba kanye nomdidiyeli wamafilimu uMo Abudu yamemezela ukuthi ithole amalungelo okukhiqiza umdlalo othokozisayo osuselwe kuHushpuppi.

U-Abudu uthe i-EbonyLife Studios izosebenzisana ne-Will Packer Productions ukuthuthukisa iphrojekthi engenasihloko esekelwe esihlokweni se-Bloomberg esithi, “The Fall of the Billionaire Gucci Master” ka-Evan Ratliff.

Abantu base-Nigeria babonise u50 Cent ukuthi bajabule abanye bacele ukulingisa kulolu chungechunge kanti abanye bacele ukuthi lo mrepha asebenzise amathalente ase-Nigeria ukuze akhiphe ifilimu ehamba phambili.

Abanye osaziwayo nabagqugquzeli base-Nigeria, okuhlanganisa u-IK Ogbonna, uDo2dtun, u-OG Tega, uHarrysong, u-OwenGee noBoma Akpore baphakathi kwalabo abawuthandile lo mbono.

U50 Cent udume kakhulu ngenxa yochungechunge lomdlalo wakhe othi-Power owaphuma ngo-2014. Uzakhele igama kuyo.

Kodwa-ke izindaba zokuthi u50 Cent uzokhiqiza uchungechunge lo mdlalo omayelana noHushpuppi kuphakamise umbuzo wokuthi ngabe ukukhiqizwa kwe-Nollywood kusazokwenzeka yini.

Isithombe esingenhla ngesika50 Cent noHushpuppi

Umthombo wesithombe: @VanguardNews

Izihloko zakamuva