Umphetha wamabhayisikili ubhoboke ngokuhlukunyezwa

Dylan Bettencourt

Owake wawina i-Tour de France uBradley Wiggins udalule ukuthi wahlukunyezwa ngokocansi ngumqeqeshi wakhe ngesikhathi eneminyaka engu-13 ubudala.

Lo mshovi wamabhayisikili waseBrithani (41) uthe “ukungcwabile” lokho okwenzeka ngoba wayengenamuntu ongameseka ngesikhathi sesigameko.

“Ngahlukunyezwa umqeqeshi ngisemncane – ngangineminyaka  engu-13 – futhi angizange ngikwamukele ngokugcwele lokho,” kusho uWiggins engxoxweni yakhe nephephabhuku i-Men’s Health UK.

Kwakunzima nokuthi abikele usingababa wakhe ngoba wayemgcona ngokugqoka umfaniswano wokugibela amabhayisikili.

“Usingababa wami wayenobudlova kakhulu kimi, wayevame ukungibiza ngesitabane ngokugqoka i-lycra nokunye, ngakho ngangingacabangi ukuthi ngingamtshela,” usho kanje.

Phambilini uWiggins uke wakhuluma ngezinkinga zakhe zokudangala esemncane kodwa okokuqala ngqa udalule izimo ebezingamdalela izinkinga.

Ubaba wakhe omzalayo uGary Wiggins, naye wayengumshovi wamabhayisikili kodwa washiya umndeni ngesikhathi uBradley esamncane kakhulu. Kamuva washona ngemuva kokulwa emcimbini.

UWiggins uyavuma ukuthi inkinga yakhe ivela emzabalazweni wokuxhumana noyise.

“Angizange ngizithole izimpendulo ngesikhathi ebulawa ngo-2008. Wasishiya ngisemncane, ngakho ngahlangana naye okokuqala ngineminyaka engu-18. Savuselela ubuhlobo obuthile kodwa asizange sikhulume iminyaka embalwa ngaphambi kokuthi abulawe,” echaza.

Naphezu kwezinkinga ezihlobene nomndeni wakhe, uWiggins uphinde wakuthola kunzima ukubhekana nengcindezi yokuwina i-Tour de France kanye nendondo yegolide yama-Olympic ngo-2012.

UWiggins waba ngumshovi wamabhayisikili wokuqala ovela eBrithani ukuwina i-Tour de France. Ngemuva kwalokho wawina nama-Olympics, “impilo ayizange iphinde ifane”.

Yize walifeza iphupho lakhe, uthe leso sikhathi kwaba yisikhathi esingajabulisi kunazo zonke empilweni yakhe. Wayevame ukwenza ngendlela eyayizojabulisa umphakathi ngokudela impilo yakhe engokwengqondo.

Umthombo wesithombe: @Eurosport

Izihloko zakamuva