Umphathi weqembu lase-Congo ukhwele wadilika kuSundowns

Menzi Magubane

Umphathi we-Maniema Union uGuy Lusadisu kungenzeka ukuthi udlala ngeMamelodi Sundowns ngalokhu akushoyo, kodwa izimangalo zakhe ngeke zehle kahle kunoma ngubani osekhempini yeMasandawana.

ULusadisu uhlasele ikilabhu enkulu yasePitoli ethi abekho bakhulu ngendlela abantu abasho ngayo.

La maqembu womabili adlale ngokulingana ngo 2-2 emzuliswaneni wokuqala we-CAF Champions League e-Congo ngeSonto eledlule kanti umlenze wesibili uhlelelwe le mpelasonto eNingizimu Afrika.

“Ingabe iyona Sundowns abakhuluma ngayo le? Besithola imiyalezo yokuthi sizohlulwa ngamalengiso, kodwa sithole ukuthi sidlala neqembu elifana nawo wonke amaqembu ase-Congo,” kusho uLusadisu.

“Ngidlale neqembu lami lesibili ngoba bekufanele ngiphumuze abanye abadlali abazodlala emdlalweni wethu omkhulu kuleli sonto. Bezibambene, futhi bekuwumdlalo olula kithina”.

Emlenzeni wokubuya, ama-Brazilians asizakele ngamagoli amabili abawathole ekuhambeni futhi azithola eyizintandokazi zokudlulela emzuliswaneni olandelayo.

Ngemuva kokukhungatheka e-Congo, umqeqeshi weDowns uRulani Mokwena ukhwele wadilika kuBafana Bafana.

ISundowns bekufanele idlale ngaphandle kukaMothobi Mvala noRushine De Reuck ababuya belimele emdlalweni wabo weBafana.

“Isimo esinzima kakhulu esibhekene neBafana ngoba asikwazi ngisho ukuxhumana nomnyango wezokwelapha,” kusho uMokwena.

“Asazi ukuthi lumi kanjani uhambo lweBafana nokuthi yiziphi izinhlelo zayo zokuqeqesha. Asizitholi izimpendulo ngokuqeqeshwa mayelana nomsebenzi. Ukubambisana neBafana kuyasidina kancane”.

Ngaphambi kokuhlangana noManiema ngeSonto, uMokwena neqembu lakhe bazoya eThekwini ukuyobhekana neqembu leGolden Arrows ku-DStv Premiership ngoLwesithathu.

Umthombo wesithombe: @MamelodiSundowns

Izihloko zakamuva