Lubhalwe nguLinda Ximba
UMengameli weMamelodi Sundowns uThlopie Motsepe unxuse iqembu labadlali abakhona njengamanje ukuthi benze kangcono kwi-CAF Champions League kule sizini.
Selokhu yanqoba umqhudelwano we-Pan African ngo-2016, i-Sundowns isafinyelele kanye kowandulela owamanqamu we-Champions League ngo-2018/19, lapho eyakhishwa khona iqembu lase-Morocco i-Wydad Casablanca.
Ngesizini edlule bakhishwe esigabeni somkhumulajezi kulandela ukushaywa i-Petro Atletico yase-Angola ngo 3-2.
Ngaphambi kokuthi isizini iqale iSundowns ingene emakethe yasayinisa umgadli wase-Ethiopia u-Abubeker Nasir, umdlali wasesiswini wase-Chile uMarcelo Allende, abadlali basesiswini beSuperSport United uTebogo Mokoena noSipho Mbule.
Baze baletha umdlali weBafana Bafana uBongani Zungu ovela e-Europe ukuze afake isipiliyoni nefomu enhle esiswini.
“Bheka azikho izindlela ezimbili kulokho esizimisele ukuzizuza njengeqembu kule sizini nangale kwalokho. Sihlose ukuphumelela kwi-Champions League futhi siyiwine.
“Ngesizini edlule siphoxeke kakhulu ngesikhathi siphuma emqhudelwaneni kodwa ngicabanga ukuthi kuningi okuhle esingakuthola ngendlela iqembu elenze ngayo nangemidlalo esiyidlalile nezimbangi ebesibhekene nazo,” kusho uMotsepe.
Indodana yesikhulu sezimayini nophinde abe nguMengameli we-CAF uPatrice Motsepe unxuse abadlali bakhe ukuthi bashintshe ukucabanga uma sebefinyelele esigabeni samaqoqo kulo mqhudelwano.
Umqeqeshi weSundowns uphinde wancoma ibhodi lakhe ngokushesha ukuqoka uRulani Mokwena njengomqeqeshi, nokwehlisa uManqoba Mngqithi esikhundleni sokuba umqeqeshi omkhulu ngesikhathi uSteve Komphela ekhushulelwa esikhundleni sokuba umsizi kamqeqeshi.
“Imiphumela siyibheke ngabomvu futhi ithimba lethu labaqeqeshi liseseka ngokugcwele,” kusho uMotsepe.
Ubekhuluma ne-Scrolla.Africa ngaphandle kweNgqungquthela yoMhlaba yeBhola leziNyawo eqhubekayo e-Afrika, eThekwini lapho yena noJomo Sono bagibele esiteji bakhuluma ngokuthuthukiswa kwebhola e-Afrika.
Esithombeni esingenhla: uMengameli weSundowns uThlopie Motsepe
Umthombo wesithombe: @Backpage