
Dylan Bettencourt
Umphathi we-Chelsea wase-Russia uRoman Abramovich ukhiphe isitatimende ngoMgqibelo eveza ukuthi noma engumnikazi weqembu kodwa ubunikazi balo ubudlulisela kwizithenjwa zeqembu.
U-Abramovich wenze lesi sinyathelo ngesikhathi i-Russia ihlasela i-Ukraine ethi uthathe lesi sinqumo ukuze avikele iqembu kunoma iyiphi inkinga engase babhekane nayo.
“Bengilokhu ngithatha izinqumo ngentshisekelo yeqembu,” esho esitatimendeni.
“Ngisazinikele kulezi zimiso. Ingakho namuhla nginikeza abaphathi be-Chelsea’s Charitable Foundation izintambo ukuze bakwazi nokunakekela i-Chelsea FC. ”
Usozimali wase-Russai uqokwe phakathi kosomabhizinisi abangu-35 abahambisana noMengameli wase-Russia uVladmir Putin ephalamende lase-Britain ekuqaleni kwaleli sonto.
Abalandeli abaningana beqembu lase-London babuze isikhathi sesitatimende esiphume ngobusuku bangaphambi kowamanqamu we-Carabao Cup bebhekene ne-Liverpool e-Wembley.
Umphathi we-Chelsea uThomas Tuchel, uthe abadlali bakhe nabasebenzi baphazanyiswe ukungaqiniseki okuzungeze umnikazi weqembu.
Uthe ngeke aphawule kuze kube kuphuma isinqumo.
“Kodwa siyasazi isiphazamiso futhi lokhu kuyasikhathaza kakhulu,” kusho umphathi wase-German.
Imibiko ibonisa ukuthi nakuba u-Abramovic engakagunyazwa uHulumeni wase-United Kingdom ingcebo yakhe engaphakathi ezweni ingase ithathwe futhi abhekane nezijeziso noma kokubili.
U-Abramovich waba sempini nohulumeni wase-United Kingdom kusukela ngonyaka ka-2018 lapho esolakala ngokufaka ushevu e-Salisbury, ngenxa yalokho isicelo sakhe se-visa sahoxiswa.
Lo mdlali wase-Russia wabuyela ekhaya kwi-Chelsea kusukela ngonyaka ka-2018 lapho athola khona ubuzwe bakwa-Israel, okwamvumela ukuthi abuyele e-England izinyanga eziyisithupha.
Imibiko iphakamisa ukuthi kulandela ukuhlasela kwe-Ukraine, u-Abramovich akasavumelekile ukubuyela e-United Kingdom.
Nakuba kungacaci ukuthi ukuthutha kusho ukuthini kwi-Chelsea, isinqumo sizothinta kuphela i-Chelsea esikhathini esizayo njengoba iqembu liye lanciphisa ukuthembela kusozimali eminyakeni yamuva.
Umthombo wesithombe: @CaughtOffside